UNgqongqoshe uMcKenzie ufuna kushaywe isidludla ukuqede ubugebengu

UNgqongqoshe wezeMidlalo uGayton McKenzie uzothula umqhudelwano wokushaya isidudla (spinning) e-Kenilworth Racecourse eKapa ngoMgqibelo.

UMcKenzie uhlose ukwenza lo mdlalo ube ngumdlalo owaziwa ngokusemthethweni eNingizimu Afrika.

“Ngizokwenza i-spinning ibe ngomunye wemidlalo emikhulukazi kuleli,” kusho uMcKenzie, ohola i-Patriotic Alliance.

“Ngikholwa ukuthi ingane egxile kwezemidlalo iyagcineka ezintweni eziningi. Sizoqeda ubugebenga ngezemidlalo.”

UMnyango wezeMidlalo, uBuciko namaSiko uveze ukuthi kuzoba nesidlo sasebusuku esisemthethweni ukwethula abaxhasi abasha bamaSpinning Championships. Umgomo uwukuhlanganisa i-spinning njengengxenye esemthethweni ye-motorsport.

“Isidlo sasebusuku sizoba phakathi kwezinye izinto, siphinde sethule ozakwethu abasha abazoxhasa imiqhudelwano ye-spinning ukuze baqeqeshe imiqhudelwano njengeminye yemidlalo emisha nejabulisa kakhulu kwezezimoto,” kusho umnyango.

UMcKenzie uhlela nokuxhumana nezinhlangano ze-Kaapse Klopse ukuze kuxoxwe ngezimali zomgubho wabo wendabuko we-Tweede Nuwe Jaar ngomhlaka-2 kuMasingana.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe wezeMidlalo uGayton McKenzie.

Umthombo: Gayton McKenzie/X

Izihloko zakamuva