UNgqongqoshe umangaze iBanyana ngesheke lika-R5.8 million

Everson Luhanga

Ngemuva kwezinyanga edumaza abathandi bezemidlalo ngezimemezelo ezixakile, uNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uNathi Mthethwa usezihlenge ngokunikeza iBanyana Banyana isheke lika-R5.8 million.

UNgqongqoshe washaqisa isizwe ngoNhlaba ngesikhathi ememezela izinhlelo zokugxumeka ifulegi lika-R22 million. Ulandele lokhu ngesimemezelo sokusebenzisa u-R30 million ukuxhasa i-orchestra kazwelonke.

Kodwa izolo uNgqongqoshe uzibeke kahle ezinhliziyweni zabalandeli bebhola.

Ukufaka imali kukahulumeni kuza njengebhonasi eyengeziwe ku-R9.2 million ophuma kwi-South African Football Association (Safa) kanye ne-CAF.

UNgqongqoshe kanye noMengameli we-Safa uDanny Jordaan bathembise ukukhipha imali elinganayo kuyo yonke imidlalo yakuleli.

UMthethwa uthe ukuwina kweBanyana kwi-Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon) ngoMgqibelo kuyizithelo zokutshalwa kwezimali kukahulumeni ebholeni labesifazane nokwenze ukuthi uhulumeni anike i-Safa u-R21 million ukuze yenze amaligi akuleli.

“Eningakwazi ukuthi lokhu akuqali namuhla. Uhulumeni wanikeza i-Safa u-R21 million wokwenza amaligi asekhaya asekhiqize abadlali abanohlonze abaseqenjini lesizwe namuhla,” esho.

UNgqongqoshe ukhulume ngokuwina kweBanyana indebe ye-Cosafa nyakenye wathi kuyisiqalo sokuqhakambisa iqembu lebhola lezinyawo labesifazane.

Uthe iqembu labesifazane leMamelodi Sundowns lawina isicoco se-CAF Champions League okungenye yeziyimpumelelo ezinkulu ezweni.

“Abadlali abaningi abaseqenjini leBanyana namuhla baphuma eqenjini leMamelodi Sundowns.

“Sizoqhubeka nokweseka abesifazane bethu kwezemidlalo ngezimali nangokunye,” kusho uNgqongqoshe kubalandeli abebefikile bezokwamukela ompetha base-Afrika.

Kodwa-ke uMthethwa usakweleta u-R1 million awuthembisa iSundowns Ladies ngoMasingana ngokombiko we-FARPost.

UMengameli we-Safa uDanny Jordaan, uthe iBanyana ithwele ugqozi lwesizwe waphinde washayela umqeqeshi uDesiree Ellis kanye nokaputeni uRefiloe Jane ihlombe ngomsebenzi oncomekayo owenze izwe laziqhenya.

UJordaan wenanele isitatimende sikaMthethwa sokuthi uhlelo lokwakhiwa kweqembu leBanyana lwaqala ngo-2013.

“Ngo-2013 sathatha isinqumo ngokukhipha bonke abesilisa eqenjini labesifazane. Saqoka abesifazane ezikhundleni ezibalulekile okubalwa nezokuqeqesha. Besikholelwa kumqeqeshi ukuthi uzohola iqembu lesizwe,” esho.

Uthe udaba lokulinganiswa kwemiholo phakathi kwabesilisa nabesifazane kwezemidlalo wudaba lomhlaba wonke okumele lusukunyelwe.

IBafana Bafana ihlomula u-R920 000 umdlali ngamunye uma iwina i-Afcon.

UJordaan uthe kunesidingo sokunamathisela ukubaluleka kwezohwebo kwezemidlalo yabesifazane.

“ENingizimu Afrika, iqembu lesizwe lebhola labesilisa lithola imali efinyelela ku-R2.8 billion ngezohwebo kanti iBanyana ayitholi lutho,” echaza.

Uthe i-Sierra Leone yilona kuphela izwe lase-Afrika elikhokha imiholo elinganayo kwabesifazane nabesilisa kwezemidlalo kanti nelakuleli lizothatha lowo mzila.

Izihloko zakamuva