Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
- Bangaphezu kuka-370 abakhwetha asebeshonile kusukela ngo-2017 kanti isizini yakamuva yasehlobo ibulale intsha engu-29 e-Eastern Cape.
- Abaholi bendabuko kanye nohulumeni bamatasa bafuna izisombululo ngaphambi kokuthi kuqale inkathi yokusoka kwasebusika.
Ukushona kwabafana abancane uma besokwa ngokwesintu sekuphoqe uhulumeni ukuthi angenelele njengoba uNgqongqoshe wakwa-COGTA uVelenkosini Hlabisa ehlangene namakhosi ase-Eastern Cape e-Mthatha ngoMgqibelo.
Kusukela ngo-2017, bangu-371 abakhwetha asebeshonile kwathi abangu-110 kwadingeka bakhishwe izitho zabo zangasese ngodokotela. Isizini yakamuva yasehlobo kube yiyo ebulale kakhulu kuze kube manje, njengoba kushone intsha engu-29.
Umhlangano ophuthumayo ubuhlanganise uHlabisa, iPhini likaNgqongqoshe uZolile Burns-Ncamashe, uNgqongqoshe we-Cogta e-Eastern Cape uZolile Williams, uSihlalo kazwelonke we-House of Traditional Affairs uKgosi Thabo Seatlholo kanye nezinduna eziningi.
“Lezi akuzona nje izibalo kodwa izimpilo zezingane ezingabaholi bakusasa bezwe lethu, ezinye zazo yizo kuphela izingane kubazali bazo,” kusho uHlabisa.
Uthe kumele bathole izixazululo ngaphambi kokuthi kuqale isizini yokusoka yasebusika.
“Isiko lokusoka kumele livikelwe, lisekelwe futhi ligqugquzelwe, kodwa kumele siqede ukubulawa kwabantu okungenangqondo okukhulayo e-Eastern Cape,” engeza.
USihlalo weForamu yabaholi baseNdlunkulu e-Eastern Cape, uMnuz Zwelithobile Mtirara, uthe kumele bakhumbule ukuthi kusho ukuthini ukusoka.
“Ukusoka kwesintu kuwukubumba amadoda aqotho, ukugqugquzela ukuthanda izwe, ukuba umondli, indoda evikela abesifazane, izingane kanye nabantu abadala.
“Ukusoka akuyona nje inqubo yokusoka, kodwa yisikhungo sokubumba abaholi abaziphatha kahle,” kusho uMtirara.
Abaholi bazophinde bahlangane ekupheleni kukaNhlolanja ukudingida izisombululo.
UHlabisa uxwayise ngokuthi noma ngubani angase aye enkantolo ayovala lo mkhuba ngoba baningi abafana asebeshonile.
“Kungaba usuku oludabukisayo empilweni uma kungabakhona ongaphikisa enkantolo isiko elingcwele nelikhethekile lokusoka kwendabuko, inkantolo inqume ukuthi ngenxa yokuthi umthethosisekelo wezwe uyalivikela ilungelo lokuphila, ukushona kwentsha engu-371 eminyakeni eyisishiyagalombili, ngaphansi kwegama lesiko, kudingeka ukuba kuthathwe izinqumo ezingamelana nesiko lethu,” kusho uHlabisa.
Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe we-Cogta uVelenkosini Hlabisa (ophakathi), isekela lakhe uZolile Burns-Ncamashe kanye noNgqongqoshe we-Cogta e-Eastern Cape uZolile Williams.
Umthombo: Sithunyelwe