Ungqongqoshe ugxeke amaphoyisa nabaphathi bamatekisi ngokubulawa kukaMoya

Lubhalwe nguPalesa Matlala

Ungqongqoshe waseGauteng uKedibone Diale-Tlabela usole amaphoyisa ngokwehluleka ukubopha ababulali baMoya nakuba kunamakhamera eCCTV endaweni yesigameko.

Inkonzo yesikhumbuzo kaSihlalo weNational Taxi Alliance, uThamsanqa Moya(58), ibibanjelwe eDiepkloof Hall eSoweto kugade amaphoyisa kanye nonogada abazimele. 

Abaphathi bamatekisi, osopolitiki namaqembu amabandla bacule badansa bemhlonipha bembiza ngomuntu ohlale esebenzela abantu bakhe.

Kodwa uNgqongqoshe wezeMigwaqo nezokuThutha eGauteng uKedibone Diale-Tlabela usebenzise inkundla ukugxeka amaphoyisa ngokwehluleka ukuqhamuka nenqubekela phambili .

“UMoya wayengenabo onogada, ngisho nangelanga adutshulwa ngalo wayeyedwa. Sinombulali ongaziwa, kodwa akhona amakhamera eCCTV amabili endaweni yesigameko,” esho.

Usole ozakwabo embonini yamatekisi ngokugcina izimfihlo. 

“Ukube benginamandla okukhipha bonke abesifazane nezingane, ngivale yonke iminyango yaleli hholo bese amaphoyisa ephenya wonke amadoda akhona, angaphuma umbulali,” usho kanje.

UTlabela uphinde wanxusa ukuthi kube nokuthula, wathi abaphathi embonini kumele bafunde ukuphilisana.

UMam’Lina, ongumfelokazi womnikazi wamatekisi owabulawa ngasekuqaleni kweminyaka yango-2000, uthe uMoya ubethobekile futhi ewusizo. 

“Njengomfelokazi ngangikwazi ukuya kuye ngingenayo imali yokuthengela izingane zami impuphu, namuhla amadodana ami anamatekisi futhi aqhuba kahle,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Mavela Masondo ukuqinisekisile ukuthi uMoya udutshulwe amahlandla amaningi ngesikhathi eshayela emgwaqeni omkhulu eSoweto. Imoto yakhe yohlobo lweToyota Hilux ebigcwele izinhlamvu itholwe endaweni yesigameko futhi washonela khona lapho. 

Akukaboshwa muntu, amaphoyisa avule icala lokubulala.

Isizathu asikacaci, nakuba kukholakala ukuthi udlame lwamatekisi yilona oluyimbangela. 

UMoya ukhunjulwe njengomuntu obalulekile ekuzameni ukuletha ukuthula embonini yamatekisi yaseGauteng enezinkinga.

Esithombeni esingenhla: Usihlalo weNational Taxi Alliance uThamsanqa Moya, 58, ukhunjulwe ngokuletha ukuthula embonini yamatekisi yaseGauteng ebinezinxushunxushu.

Umthombo wesithombe: Palesa Matlala

Izihloko zakamuva