Arthur Greene
Ngemuva kokuthi iphephandaba libike amanga ngokuthi ushonile, umbhali waseMelika uMark Twain wake waphendula wathi, “imibiko yokushona kwami ibe yihaba elikhulu.”
UNgqongqoshe Wezezimali wase-Tanzania ubize isithangami nabezindaba ngoLwesithathu ukumemezela okufana nalokhu ngemuva kokuthi kuqale ukusabalala kwamahlebezi okuthi ubulewe yi-Covid-19 ngemuva kokulaliswa esibhedlela izinsuku ezimbalwa.
Le ngqungquthela ibibanjelwe ngaphandle kwesibhedlela enhlokodolobha i-Dodoma lapho bekulashwa khona uNgqongqoshe uPhilip Mpango, kanti nevidiyo yale ngqungquthela ibikhombisa ukuthi uyakhwehlela futhi uyakhinceka njengoba ethula lesi simemezelo.
Yize uMpango ebevikela isimo sempilo yakhe, uNgqongqoshe ubebonakala ukuthi uyagula. Izwi lakhe beliqhaqhazela, ezabalaza ukukhuluma, kanti futhi kukhona iskhathi la ahlaselwe khona ukukhwehlela okungapheli.
Kuthiwa ukhishwe umshini wokuphefumula ukuze akwazi ukwenza lesi simemezelo.
Ukwenza izinto zibe zimbi kakhulu, yena namadoda amabili abehleli eduze kwakhe bebengazigqokile izifonyo.
“Ngifike esibhedlela ngiphethe isilinda yami ye-oksijini kodwa ezinsukwini ezintathu ezedlule angiyisebenzisanga ngoba isimo sempilo yami siba ngcono,” kusho uMpango.
UMpango ube esethumela amazwi enduduzo kulabo abasezweni lakhe abasanda kubulawa “yinyumoniya” “nezinkinga zokuphefumula”.
Kodwa-ke, umholi ophikisayo ezweni uTundu Lissu, akazange aqiniseke ngalokhu ebhala ku-Twitter ethi “Ngabe ubuhlakani babaholi bethu sebufinyelele kuleli zinga? Ubani ovumele lesi siguli ukuthi sikhwehlele phambi kwaabantu, esikhundleni sokuba sesibhedlela siyothola ukwelashwa noma ukuphumula embhedeni?”
Uhulumeni wase-Tanzania ugxekwe kakhulu ngokubukela phansi ubucayi be-coronavirus – kanti futhi lesi siqeshana esivelayo senza kube lula ukubona ukuthi kungani.
Umengameli wezwe uJohn Magafuli, phambilini ubelokhu egcizelela ukuthi i-Tanzania ikwazile ukunqanda leli gciwane, ngoba imithandazo yezwe isizile ekuliqedeni.
Umthombo wevidiyo: @KalekyeMoments