UNgqongqoshe oboshiwe, ubhekene necala lokubulala nelokuzama ukubulala

Kamogelo Muvhenzhe

UNgqongqoshe waseMpumalanga oboshiwe ubekwe amacala amabili okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Vishnu Naidoo uthe uNgqongqoshe oneminyaka engama-45 kusolwa ukuthi ube nesandla ekudubuleni lapho okudutshulwe khona abantu ababili kwalimala owesithathu mhla zingama-22 kuNcwaba e-Nelspruit.

UNgqongqoshe ongakadalulwa igama uzinikele emaphoyiseni e-Nelspruit ngoMsombuluko ekuseni.

Lokhu kwenza ukuthi ababoshiwe mayelana naleli cala babe bathathu.

Mhla ziyi-17 kuMandulo ngowezi-2021 amaphoyisa abophe uJoseph Charlie Ngwenya oneminyaka engama-35 noTshepo Matsane oneminyaka engama-30. Phambilini bobabili bavele enkantolo okungenani kabili futhi banikezwe ibheyili yemali eyizi-R20,000 umuntu ngamunye ngoLwesihlanu, mhla ziyisishiyagalombili kuMfumfu.

UNgqongqoshe uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Nelspruit kungekudala.

Izihloko zakamuva