Everson Luhanga
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele uthe abaphenyi bathole amagobolondo angu-137 ezibhamu zohlobo lwe-AK-47 endaweni yokucima ukoma iMdlalose e-Soweto.
UCele uvakashele izakhamuzi zase-Orlando East ngoMsombuluko kulandela isigameko sokudubula sangoMgqibelo ebusuku esishiye kushone abantu abangu-15 abanye balimala.
UCele uthe kuyacaca ukuthi laba abakade behlomile bebehlosile ukubulala.
Ukuchithile ukuqagela kokuthi izwe lihlaselwa amaphekula wathi ukudubulana kwase-Soweto bekungekhona ukuhlasela kwamaphekula, kodwa bekuyisenzo sobugebengu esichithe igazi labantu abamsulwa.
“Uphenyo luyaqhubeka kanti kuze kube manje abaseshi bathole ukuthi iningi lalaba abashonile ngabaKwaZulu-Natal.”
Uthe abaseshi abasezingeni eliphezulu besifundazwe sase-Gauteng bajutshwe ukuthi basebenze kuleli cala ukuze bathole abenzi bobubi.
UCele uzwakalise ukukhathazeka ngokudlanga kwezindawo zokucima ukoma kuleli lokishi wathi lokhu kuyinkinga ezweni lonke. “Kule ndawo maningi amathaveni kunezikole namasonto sekuhlangene.
“Angu-234 amashibhi kanti amathaveni angu-29. Lesi isimo esikhathazayo kakhulu,” kusho uCele.
Uthe ekulweni nobugebengu uzoletha i-Tactical Response Team (TRT) edume ngokuthi-Amabarete e-Orlando ukuze ibhekane nezigebengu.
I-TRT iyiqembu lamaphoyisa aqeqeshwe ngokukhethekile asetshenziswa ezimweni ezihlukahlukene zokugcinwa komthetho ezedlula amakhono ezinsiza zokugada ezijwayelekile. UCele uwasebenzise ukudambisa isimo ebesishubile e-Diepsloot nase-Pimville ekuqaleni konyaka.
UKhomishana wamaPhoyisa e-Gauteng, uLieutenant-General Elias Mawela uthe uphiko lwezobunhloli esifundazweni lusebenza kanzima namaphoyisa.
UMawela uthe abaseshi banikezwe zonke izinsiza zokuqinisekisa ukuthi abenzi bobubi bayaboshwa futhi bagwetshwe.
Izakhamuzi zakule ndawo zisole uNgqongqoshe nezikhulu zikahulumeni wakhe ngokubavakashela kuphela ngesikhathi sokhetho.
“UMengameli ubelapha emasontweni ambalwa ngaphambi kokhetho wathembisa ugesi eNomzamo kodwa kwenzakalani njengoba namuhla sisebumnyameni,” kusho esinye isakhamuzi.
UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi e-Gauteng uFaith Mazibuko uthe ugesi uzohlinzekwa kule ndawo njengoba ethembisile.
Amaphoyisa anxusa umphakathi okungenzeka ukuthi uzibonele kwenzeka lesi sigameko noma ube nolwazi olungaholela ekutheni kubanjwe abasolwa.
Banxusa ofakazi ukuthi babike ngocingo lwe-Crime Stop ku-08600 10111 noma bacuphe ngohlelo lokusebenza lwe-MySAPS. Lonke ulwazi olutholiwe luzophathwa njengoluyimfihlo kakhulu.