Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uthi akuqiniswe uphenyo ukuze kucace ngokushawa komsebenzi wesifazane we-IFP okukhonjwa ngenjumbane iMeya esencane yaseNkosi Langalibalele eMtshezi.
UNgqongqoshe uMbali Shinga ukusho lokhu evakashele uNksz Zandile Radebe oneminyaka engu-40 ubudala osebenza ehhovisi le-IFP, obesola uMnuz Mduduzi Sobholenyoni Myeza ngokumthela ngesibhaxu ngoba kubangwa imiphumela yokuvota kwamaziko e-IFP njengoba kulungiselelwa ingqungquthela kazwelonke yokukhetha ubuholi.
UNksz Radebe usola nokuthi kunesandla semfene ecaleni ngoba kunezinto zikadokotela angasazitholi futhi noMyeza akaboshiwe.
UNqgongqoshe uShinga uthe bazomusiza ngezeluleko zeqophelo eliphezulu futhi bafisa umthetho uthathe indawo yawo ukuze kucace ukuthi kwenzakaleni.
“Izibalo zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane abanye bebulawa zisikhubaze kakhulu eKZN. Ngakho kungumsebenzi woMnyango wami ukuqinisekisa ukuthi abagilwa bodlame olibhekiswe kwabesifazane ziyabuthola ubulungiswa njengoba sifisa kwenzeke kuNksz Radebe,” kusho uNksz Shinga.
UMeya uMyeza utshele i-Scrolla.Africa ukuthi imuphatha kabuhlungu lendaba ngoba ubhecwa ngobende inyama engayidlanga.
Uthi yena wayengekho kwenzeka konke lokhu kodwa wayese-Weenen eyogcoba amaziko njengoba kuza ingqunguthela.
“Ngithe uma ngifika ngehora lesihlanu, ngathola kunesigameko sokushawa kukadadewethu. Lapho icala ngibone selibekwa kimi kodwa ekhona umuntu omshayile. Engikubuzayo ukuthi yini ngingaboshwa uma kuyimi owenze umonakalo? Lento umkhankaso ozongiqeda isithunzi ngingenzelutho,” kusho uMyeza.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda uthe basaqhubeka nophenyo.
Abaholi be-IFP Youth Brigade okungiNksz Philile Xulu noMnuz Mlungisi Mabaso bathe bona basamile noMyeza ngoba bamazi ezilungele.