Everson Luhanga
UCristian Siebert Roric, ungqondongqondo wamabhomu owacupha amabhomu abulala amalungu amathathu e-Congress of South African Students (i-COSAS) kwaphinde kwalimala noyedwa, uvele enkantolo yemantshi yaseKagiso ngoLwesibili.
URorish, owayeyisikhulu segatsha lezokuphepha lobandlululo, ubhekene namacala okubulala abantu abathathu nelilodwa lokuzama ukubulala.
UFanyana Nhlapo, u-Eustice Bimbo Madikela, uNtshingo Matabane, kanye noZandisile Musi bobathathu babulawa ibhomu eyaqhuma mhla zi-15 kuNhlolanja ngonyaka wezi-1982.
Zonke lezi zinsizwa ezisencane ziqhamuka eKagiso eGoli kanti babeneminyaka cishe eyi-17 kuyela kwengama-21.
Imindeni yalamalungu amane e-COSAS, njengoba kade baziwa, baya enkantolo ngoMandulo ngonyaka wezi-2020 ukuze baphoqelele inkantolo ukuba ilethe leli phoyisa lobandlulu ukuze libhekane nengalo yomthetho futhi babefuna ubulungiswa ngamalungu emindeni yabo.
UNhlapo, uMadikela kanye noMatabane bashonela khona lapho okwenzeka isigameko kanti uMusi wasinda, kodwa walimala kakhulu waphinde waboshwa wahlukunyezwa ibutho lonogada bobandlululo.
Okhulumela imindeni eyalahlekelwa, uMbulelo Musi, uthe lo owayeyiphoyisa, uRorich, wayengungqondongqondo wamabhomu.
“Wacupha ibhomu kwashona izinsizwa ezisencane ezintathu kwalimala kakhulu oyedwa eduze kwendlu lapho kulahlwa khona udoti edolobheni laseKagiso.”
UMbulelo Musi uthe ngemuva kokululama kwakhe, waqhubeka nokuba isishoshovu somzabalazo.
“Waphinde waboshwa ngesikhathi sezimo eziphuthumayo wagwetshwa iminyaka emihlanu esejele lase-Robben Island ngonyaka wezi-1987.”
“Wadedelwa ngonyaka wezi-1991 enenkinga yokungezwa emadlebeni njengoba waba kwinhlekelele lapho okwaqhuma khona ibhomu ngonyaka wezi-1982.
“Umusi washona mhla zingama-29 kuNhlangulana wangcwatshwa e-Krugersdorp,” kusho uMbulelo
UMbulelo waphinde wathi amaphoyisa ayebandakanyeka kulesi sigameko anqatshelwa ushwele ikhomishana leqiniso nelokubuyisana ngonyaka wezi-1999. Yingakho bevela enkantolo.
“Lesi isinyathelo esihle kulolu hambo lwethu olubuhlungu, ukulinda iminyaka engama-40 sifuna ubulungiswa njengemindeni, kusho uMbulelo.
Icala lihlehliselwe umhla zingama-26 kuMfumfu ngonyaka wezi-2021 lapho lizodluliselwa enkantolo ephakeme yaseGoli.