Ungqondongqondo ekubulaweni kwendodana yami usangaphandle: Uyise ka-AKA

Lubhalwe nguZukile Majova

Umndeni womrepha owabulawa uKiernan AKA Forbes ukholelwa ukuthi isitha sangempela esaqasha abantu ukuthi bamubulale sisengaphandle.

Ubaba ka-AKA, uTony Forbes utshele abezindaba ukuthi ungqondongqondo wangempela ekubulaweni kuka-AKA nompheki uTebello “Tibz” Motsoane usengaphandle.

“Angicabangi ukuthi uKhomishana wesifundazwe eKZN uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ubesho ungqondongqondo wangempela, ngicabanga ukuthi ubekhuluma ngomdidiyeli. 

“Ngakho-ke umdidiyeli uma ngiziqonda kahle izinto wathola isamba semali wabe esenikeza nabanye abantu abayisithupha.

“Iphumaphi leyo mali? Uma iqhamuke ngohlelo lwamabhange kufanele amaphoyisa akwazi ukulandela umkhondo athole ukuthi isukaphi ukuze aqhubeke nophenyo,” usho kanje.

UForbes ofike enkantolo yaseThekwini ehamba nonogada uthe imizwa yakhe imutshela ukuthi akekho noyedwa kubasolwa abayisikhombisa ongungqondongqondo ekubulaweni kuka-AKA nomngani wakhe.

“Kodwa bengingakalwenzi uphenyo ngiyaqagela nje.”

Phambilini abakwaForbes banxuse inkantolo ukuthi ingabavumeli abasolwa bazifihle ubuso enkantolo.

Bonke abasolwa abafunelwa inqwaba yamacala odlame lwamatekisi nokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal, bathi basabela impilo yabo.

“Lokhu kusha kimina futhi angiqondi ukuthi uvela kanjani enkantolo phambi kwabantu kodwa uzifihle ubuso kungani ivunyelwe lento.”

“Ngiyaqonda ukuthi kuyingxenye yomthetho we-Covid-19 kodwa uma usenkantolo, ukwazi ukucasha ngemuva kwesifonyo leyo yinto okufanele ibhekwe uhlelo lwezobulungiswa,” kusho uForbes.

U-AKA noTibz babulawa ngomhlaka-10 kuNhlolanja nyakenye ngaphandle kwase-Wish Restaurant esendaweni yaseThekwini emgwaqeni eFlorida, eMorningside.

Abasolwa abahlanu abasolwa ngokubulala u-AKA nomngani wakhe bavele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesine kanti icala lihlehliselwe umhlaka-6 kuNdasa ukuze bafake isicelo sebheyili.

UNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uKhumbudzo Ntshavheni utshele isithangami sekhabhinethi ukuthi iziphathimandla zaseNingizimu Afrika seziluqalile uhlelo lokubuyisela abasolwa ababili ababoshwe Eswatini.

Isithombe esingenhla: Ubaba ka-AKA uTony Forbe.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva