Ungqimphothe kwiNdlovukazi yeSilo yokuqala ngencwadi yamafa

Celani Sikhakhane

Unkosikazi wokuqala weSilo samabandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu useshaye ungqiphothwe njengoba manje esevuma ukuthi imbube esanda kubuza eyasayina incwadi yamafa.

UNdlovukazi uSibongile maDlamini Zulu wasesigodlweni saKwaKhethomthandayo lokhu ukuveze encwadini efungelwe efakwe enkantolo.

Amakhosazana amabili abonakala kuyiwo wodwa  amazinyane eSilo esesakhothama aphonsela inselelo yencwadi yefa eyasayinwa nguyise, njengoba ekholelwa ukuthi yayikokoteliwe.

IJaji u-Isaac Madondo naye umise incwadi yefa yeSilo ngemuva kokuthi ongoti ababili ababhekelela ukusayinwa komkokotelo bephume nezinqumo ezihlukene.

Ungoti wokuqala uthe lokhu kusayinwa kubukeka kukokotelwe kodwa ungoti wesibili ukholwa ukuthi lencwadi yasayinwa iSilo samaBandla uZwelithini kaBhekuzulu ngempela.

Inkantolo manje kuzomele izenzele uphenyo bese iluyisa eNkantolo udaba ukuze kufinyelele esiphethweni.

INdlovukazi uSibongile yalahlwa icala, lapho yayifuna iNkantolo imemezele umshado wezinye izindlovukazi ezinhlanu neSilo, njenge yayingekho emthethweni.

Uphinde walahlwa icala ngesikhathi ezama ukuthola ingxenye yezindawo zeSilo.

Ungoti wezomthetho uMpumelelo Zikalala uthe bekulindeleke ukuthi avikele incwadi eyasayinwa iSilo ngenxa yokuthi akakaze aphikisane nokuba semthethweni kwayo.

“Ingakho kulokhu kuthiwa ungummangalelwa nezinye izindlovukazi,” kusho uZikalala.

Ngesonto eledlule, uMengameli uCyril Ramaphosa umemezele ukuthi ayamamukela uMntwana uMisuzulu  njengeSilo esisemthethweni wesizwe samaZulu.

Scrolla World Cup Quiz