UNgizwe umangalele abe-EFF ngelokumshaya

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UMengameli wamabhinca uNgizwe Mchunu ucasuke wayoceba umholi we-EFF kunina eNanda ngemuva kwesigameko sokuhlasela nokushaya esenzeke eThekwini izolo ngesikhathi uMchunu enesithangami nabezindaba ehhotela.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi umkhulumeli we-EFF KwaZulu-Natal uMnuz Mazwi Blose engene ngendlovuyangena e-Onomo Hotel ngesikhathi uMchunu esaqala isithangami sakhe.

UBlose ubonakala nesigejana sabafana abancane beshaya ikhamera bayijikijela le base bekhahlela itafula balilahla le.

Umthwebuli wama video kaMchunu uKing Zoso uthe baphahlaze iselula yakhe bathatha ekaMchunu bahamba nayo.

“Sishaqekile ngedlela okwenzeke ngayo ngoba kuthe uma beqeda lapho bazama ukushaya uNgizwe kodwa wabhoka wakhahlela wahluba uBlose ngequpha wavuvukala ngomzuzu ngasesweni. UNgizwe uhambile wayovulela iqembu i-EFF icala lokushaya nokweba ngoba kuze kubemanje iselula yakhe abakayibuyisi. Siyile kubo kwaBlose eNanda safike sabikela umama wakhe, samtshela nokuthi uthathe iselula kaMchunu. Umama wakhe uthukile kodwa uBlose asimfumicanga,” kusho uZoso.

Abaholi be-EFF bangene ezinkundleni zokuxhumana izolo ebusuku bathi amanga lawo basola uMchunu ngokuthi ubekuhlelile ukuhlaselwa kwakhe.

UDkt Mbuyiseni Ndlozi uthe uMchunu uqamba amanga ngoba ubedlala nabangani bakhe ukuze kube sengathi buyahlaselwa.

UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Bheki Mtolo uthe kuyaxaka ukuthi abaholi be-EFF bangasola uMchunu ngokuba isixhwanguxhwangu ekubeni bona beyizixhwanguxhwangu ezihlale zithuka abaholi mihla namalanga.

“Siyayigxeka lento abayenze kuMchunu ngoba uhlale ethuka abaholi be-ANC kuhlanganisa nami kanye nabe-IFP kodwa asikaze simshaye. Yini lena engaka aseyisho kubo ? Hhawu siyababaza ukuthi izinkunzi zezixhwanguxhwangu ezithuka ngisho uMengameli wezwe sezingacasulwa uNgizwe. Abaholi be-EFF akekho umholi abangamthukanga eNingizimu Afrika kodwa sebecasulwa uNgizwe ngoba ebezidlalela wathi bangezi eMoses Mabhida. Badlala ngoNgizwe ngoba akakwazi ngisho ukuvimba leli dlanzana labantu be-ActionSA kaZwakele Mncwango,” kusho uMtolo.

Imizamo yokuthola uBlose iphunzile.

Izihloko zakamuva