Celani Sikhakhane
Lowo owayengumsakazi woKhozi FM, uDJ Ngizwe Mchunu, usephendule amatafula ngesiqubulo sakhe esithi “Azikhale” njengoba efuna ukukhokhelwa ngokusetshenziswa kwaso esikhangisweni esisha se-Big Brother Mzansi.
Ngemuva kokuboshwa kwakhe ngecala lokususa udlame ngesikhathi sezidubedube zangoNtulikazi, uMchunu uziqhelelanisile nalesi siqubulo wasichaza njengenkulumo yasemakhaya esetshenziswa kakhulu.
Igama elithi “Azikhale” liqale ukuduma ngesikhathi kuqubuka ukuphanga nezidubedube ngoNtulikazi nyakenye kulandela ukuboshwa kwalowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma.
Kodwa-ke ngoMsombuluko uMchunu, ehambisana nowayeyisishoshovu se-EFF, uBonginkosi Khanyile, bagasele emahhovisi akwa-Multichoice ngaphandle kokufaka isicelo.
Kuthiwa uMchunu ubefuna inkampani imkhokhele ngokusebenzisa igama elithi “Azikhale” esikhangisweni sayo esidumile se-Big Brother Mzansi.
Laba bobabili balwe nonogada, befuna ukungena ngaphakathi ngenkani ukuze bakhulume nabaphathi bomabonakude.
Kamuva uMchunu utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bahlangane nabaphathi be-Multichoice futhi izingxoxo zibukeka zizinhle.
Osebenzisa igama elithi ‘Azikhale’ ukwenza inzuzo kuzomele angikhokhele imali ngoba ngiye ngaboshwa ngenxa yalesi siqubulo namanje ngisahamba icala,” kusho uMchunu.
“Sikhuluma nje abaphathi be-Multichoice bavumile ukuthi sibe nomunye umhlangano futhi basalubheka lolu daba mayelana nalokho okufunwa yimi.
UMchunu uzobuyela enkantolo ngomhlaka-16 kuNdasa.
Uthe umatasa nabammeli bakhe babhala umqulu ozokwenza isiqiniseko sokuthi isiqubulo sinamalungelo akhe empahla futhi akekho umuntu okufanele asisebenzisele ukudayisa ngaphandle kwemvume yakhe.
NgoNtulikazi nyakenye, uMchunu wasebenzisa igama elithi “Azikhale” ukunikeza uMengameli Cyril Ramaphosa umnqamulajuqu wokukhulula owayengumengameli wezwe uJacob Zuma ejele lase-Estcourt Correctional Services.
I-National Prosecution Authority ichaze lesi siqubulo njengekhwelo lodlame futhi ithi sasetshenziselwa ukugqugquzela ukuphanga okwenzeka eGoli naKwaZulu-Natali.
Bangaphezu kuka-337 abantu ababulawa phakathi nezidubedube zangoNtulikazi.
Amaqembu amaningi kuyo yonke imikhakha yezepolitiki asebenzise lesi isiqubulo njengethuluzi lokukhankasela ukuzuza amavoti ngesikhathi sokhetho lohulumeni basekhaya ngoLwezi.