UNgizwe Mchunu uthi bekuxhashazwa izinsiza zombuso ngokubopha uDuduzile ngoba alikho izwe angalishisa

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UNgizwe Mchunu uthi ukuboshwa kukaDuduzile Zuma-Sambudla bekungukumosha amandla ombuso nokuhlambalaza uyise okunguMnuz Jacob Zuma ngoba alikho izwe elingashiswa uDuduzile.

UMchunu ukusho lokhu ephawula ngecala likaDuduzile ebelisenkantolo kaMantshi yaseThekwini ngoLwesine.

UDuduzile udedelwe ngesexwayiso kuleli cala okungelokuvukela umbuso nokususa uthuthuva emphakathini.

UMchunu naye waboshelwa icala elifanayo alinqoba ngo-2023 enkantolo yase-Randburg ngoba nje ayethe Azikhale ngesikhathi ephikisane nokuboshwa kukaZuma.

UDuduzile kuthiwa yena wayephehla udlame ngezibhelu zangoNtulikazi ka-2021 ethi ” Ngiyanibona” uma kunezigameko zokutapa nokushiswa kwempahla ezindaweni.

“Impela bengizoya ukuyomeseka enkantolo kodwa nami bengingazi ukuthi naye uboshiwe. Ngizwe ezindabeni ngilapha eMpumalanga ukuthi uvela enkantolo, bengingazi okwangempela. Kodwa nje umbhedo wecala lona. Ungabopha umuntu ngoba nje wayethe ngiyanibona? Ayisuka inhlonso lapha ukumosha izinsiza zikaHulumeni nokuhlambalaza uZuma. Yiliphi nje izwe elingashiswa uDuduzile?,” kuchaza uMchunu.

UMchunu abasahoshelani noDuduzile kangangokuthi akalubhadanga ngisho ecaleni lakhe e-Randburg.

Kuvela ukuthi okunye abakubangayo ukuthi uMchunu akazange ameseke uZuma ngesikhathi esesungula iqembu lakhe okuyiMKP.

Kunalokho uMchunu weseka uKhongolose, wabonakala esehamba noMnuz Cyril Ramaphosa.

Izihloko zakamuva