Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
UNgizwe Mchunu ukhala ngokuzondwa abathandana nobulili obufanayo abasola ngokuthi bamuzondela iqiniso lakhe.
Ukusho lokhu ngemuva kokugolozela iSouth African Human Rights Commission ebimyalele ukuba axolise ngezinkulumo ezinodlame nenzondo azenze ngabobululili obufanayo okungabesilisa abebeshadana bodwa.
Lo mshado osuse umsindo ezinkundleni zokuxhumana obuphakathi kukaMnuz Simon Nhlapho noMnuz Crosby Jodwana.
“Hheyi laba bantu bangizondela amanga ngoba bengafuni ukutshelwa iqiniso. Indlela abazikhohlisa ngayo baphila impilo engamanga futhi baze bazikhohlise bona bathi bangamantombazane ekubeni uNkulunkulu abadala babangabafana,” usho kanje.
NgoMsombuluko ikhomishana yaMalungelo kuleli ithathe isinqumo sokumfaka enkantolo uMchunu ngoba egoloza ukuxolisa.
Uthe isixoliso sakhe bayosithola ethuneni.
Ngakolunye uhlangothi indlunkulu kaZulu iyazisola ngokungafundisi kabanzi umphakathi ngokugqokwa kwemvunulo nangokubaluleka kwayo nosekwenze abanye bazithole sebeyigqoka njengemfashini kungafanele.
UMntwana uThulani waseZibindini ongumkhulumeli weSilo neNdlunkulu kaZulu uthe sekukaningi abantu bebona bebhinca imvunulo yezigaba abangekho kuzo okuhlanganisa neyabantwana baseNdlunkulu neyamakhosi.
“Impela singasho ukuthi nathi siyiNdlunkulu kukhona lapho esibenephutha khona lokuba singafundisi abantu ngokubhincwa kwemvunulo kaZulu. Empeleni naye uHulumeni siyakhala nangaye ngokuthi aqede izifundo zezamaSiko ezikoleni nokuyinto eyenze nezingane zigcije zingaqondi kahle ukuthi ukubhincwa kwemvunulo kuhambisana naziphi izigaba. Uzokhumbula ukuthi iMvunulo sabaneshwa ukuthi ikeyanyamalala kwaZulu ngemuvak kokuba amaNgisi ethumbe iSilo uCetshwayo kaMpande , nokwathi uma esebuya eNgilandi wabuya esegqoka amasudi. Kuqhubekile lokhu nseSilweni uDinuzulu, kwaba iSilo uSolomon yena owayevele esezalelwe esiqhingini iSt Helena nakwiSilo uBhekuzulu.
Imvunulo kwaZulu ibuyiswe uMdlokombane nokwenze isizwe Salalah phansi sahlonipheka futhi nabantu bayithanda. Iphutha sekuyilo leli ukuthi abantu abazange besafundiswa ngayo,,” kuchaza uMntwana uThulani.
Okunye imvunulo ihlukene ngokwezigaba, kukhona eyezinsizwa,kube eyamadoda bese kuba eyamakhosi neyaseNdlunkulu efakwa iSilo nabaNtwana.
Odabeni lukaNgizwe Mchunu, uMntwana uThulani uthe abantu uma kunento abakhala ngayo yize isuke ifana kodwa baphendule ngezindlela ezingafani njengoba uNgizwe yena evele waqoqa izinsizwa wayozwakalisa ilaka lakhe kwaMai Mai nasezinkundleni zokuxhumana.
I-ANCYL KwaZulu-Natal yona ithi umsebenzi woMnyango wezoBuciko namaSiko ophethwe uMnuz Mtomuhle Khawula okufanele ufundise ngamasiko kaZulu esifundazweni.
Lo msindo wemvunulo ususwe izinsizwa ezimbili ezithandana nobulili obufanayo ebezishadana eGoli emndenini wakwaNhlapho.
Omunye walezi zinsizwa ubegqokiswe okweNgonyama yamaZulu nezimpelesi zakhe.
I-ANCYL ithe akakhishwe inyumbazane uMchunu ezinhlakeni zayo kungabi bikho umuntu omlalelayo.
Ngakolunye uhlangothi iNjeje yabeNguni ithi akekho ozothinta uNgizwe ngoba uvikela isithunzi nefagugu likaZulu.
