Ungeniswe esibhedlela umqeqeshi wamaBhokobhoko 

Lubhalwe nguLucky Vince Pienaar

UMqondisi webhola lo mbhoxo uRassie Erasmus ubevula umsele ovalekile ngesikhathi amakhemikhali ayingozi abewasebenzisa emthela imilenze kanye nezinye izitho zomzimba ngokusho kwephephandaba i-Rapport.

Noma kunjalo sizolinda i-Die Huisgenoot ukuze isinikeze imininingwane ecacile yokuthi eziphi ezinye izitho zomzimba ezithintekile.

URassie uphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kwalokho okwenzekile nokubeka impilo yakhe engcupheni.

Umqeqeshi ohole amaBhokobhoko ekunqobeni iNdebe yoMhlaba okwesibili kulindeleke ukuthi abuyele emsebenzini emasontweni amabili.

Njengoba ingakaphumi imniningwane ukuthi ulimele kangakanani asikwazi ukusho ukuthi uzobuyela nini emsebenzini wakhe.

Osesithombeni esingenhla: URassie Erasmus.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva