Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Udlame lwamaqembu ezigelekeqe esikoleni samabanga aphezulu e-Alex, e-Alexandra lushiye umfundi oyedwa egwaziwe kanti abanye bevaleleke esikoleni ngenxa yokwesaba ukuphumela ngaphandle.
Abazali baphuthume ukuhlenga izingane zabo ngesikhathi amaphoyisa nabaholi bomphakathi bezama ukudambisa isimo esikoleni esinezinkinga.
Abazali baphuthume e-Alex High School e-Alexandra ngoLwesihlanu ekuseni ngemuva kodlame lwamaqembu ezigelekeqe olushiye umfundi oyedwa enamanxeba okugwazwa kanti abanye besabela izimpilo zabo.
Amaphoyisa nabaholi bomphakathi bagijime beza esikoleni njengoba othisha nabafundi bebelokhu bevaleleke ngaphakathi esikoleni, besaba nokuqhubeka namakilasi.
Ikhansela laku Wadi-116 uMnuz Adolf Marema uthe uthuthuva luqale ekuseni.
“Kubikwa ukuthi oyedwa ulimale kanzima, umenzi wobubi wabaleka waphuma esikoleni,” usho kanje.
“Sihlangene ukuzama ukuxazulula ezinye izinkinga njengoba manje othisha sebefuna ukugoduka njengoba behlukumezekile.”
Abazali bafuna izingane zabo zidedelwe ngesikhathi iziphathimandla zizama ukudambisa ukungezwani phakathi kwabaholi bamaqembu ezigelekeqe abalwayo. Kufike izimoto zamaphoyisa ezine endaweni yesigameko, okubalwa nezimoto ezimbili zeNyala.
Isishoshovu somphakathi uThabo Mopasi uthe udlame luqale ngesikhathi kuvulwa izikole. Umfundi wase-Minerva High usegumbini labagula kakhulu ngemuva kokugwazwa ngosuku lokuqala.
Impi ibe isidlulela e-Alex High ngoLwesine yaze yaba yimbi kakhulu ngoLwesihlanu ekuseni.
UMopasi uthe baxwayise izikhulu zemfundo, okuhlanganisa noNgqongqoshe wezeMfundo e-Gauteng, ukuthi zihlale ziqaphile ngemuva kokugwazwa kwabafundi base-Minerva High.
Akukhona okokuqala i-Alex High ibona udlame. NgoNcwaba ka-2024, abafundi abambalwa babedinga ukwelashwa emtholampilo wendawo ngemva kokulwa.
Amaphoyisa abophe abafana abane akholelwa ukuthi baqale impi.
Umlando onezinkinga kulesi sikole uhlanganisa isigameko esenzeka ngoMasingana ka-2023 lapho abafundi bagasela ekhishini lesikole bantshontsha ukudla obekuhloselwe abanye abafundi.
NgoMandulo ka-2022, abafundi balimaza ifenisha yesikole ngesikhathi semigubho yoSuku Lwasentwasahlobo, bafafaza ngamanzi aphuma emshinini yokucima umlilo, bathuka othisha futhi bahlasela unogada wesifazane.
Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa esikoleni.
Umthombo: Everson Luhanga
