Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Umholi wophiko lwentsha lo Mkhonto weSizwe obhekene nezinkinga ngezinsolo zokuxova eqenjini kuthiwa ungeniswe esibhedlela ngemuva kokuxinwa ukugula isigubhukane.
UMnuz Bonginkosi Khanyile uphuthunyiswe esibhedlela esiseThekwini ngoLwesithathu emini kanti abasondelene naye bathi basola ukuthi udlisiwe.
UKhanyile kuthiwa usezakhele isigcwagcwa eqenjini kwabanye abaholi ngemuva kokwenza izinsolo eMangosuthu University of Technology eMlazi zokuthi umsunguli woMkhonto uMnuz Jabulani Khumalo unikwe imali ngowayeyiphini likaMengameli uDavid Mabuza ukuze baketule uMnuz Jacob Zuma ebuholini beqembu.
“Akucaci ukuthi ubekuphi egula kodwa nami ngithintwe sengitshelwa ukuthi uphuthunyiswe esibhedlela esiseThekwini. Bathi basola ukuthi udlisiwe kodwa abacacisi ukuthi kwenzeke kuphi lokhu,” kuchaza umthombo ocele ukungadalulwa.
UKhanyile ubhekene nekomiti lokuqondiswa izigwegwe kanye nokuthathelwa izinyathelo zomthetho abanye abaholi ngetulo lokuketula uZuma kuMkhonto weSizwe Party.
Umholi woMkhonto weSizwe Party uMnuz Jabulani Khumalo ukhiphe isitatimende ngoLwesibili ntambama ethi badumele ngokuxova kukaKhanyile ethi uyabasukela uthi bafuna ukuketula uZuma.
Uqhube wathi bazombizela ezinhlakeni zangaphakathi ukuze aqondiswe izigwegwe ngale nkulumo yakhe.
UMnuz Thami Khuzwayo oyilungu loMkhonto uthe uzothathela uKhanyile izinyathelo zomthetho ngokumbheca ngezinsolo ezingamanga zokuthi uthengelwe umuzi e-Glenmore ne-VW Polo njengenkokhelo yokuba aqhube itulo lokuketula uZuma.
Izithombe zikaKhanyile esesibhedlela besezisabalele ezinkundleni zokuxhumana kusuka ngolwesithathu ntambama.
Imizamo yokuthola umkhulumeli woMkhonto weSizwe uMnuz Nhlamulo Ndlela ayiphumelelanga ngoba ucingo ubengalubambi.