
Linda Ximba
Ungenelwe ngamanzi endlini uphromotha wesibhakela uZonke Sibiya obhekene necala lokukhwabanisa kwi-Boxing South Africa (BSA) ngemuva kokuthi agcina imali yomqhudelwano ayewuhlelile kodwa wabuye wakhanselwa.
Ukukhanselwa kwalo mqhudelwano kushiye abashayisibhakela nabaqeqeshi bekhungathekile njengoba bebetshale isikhathi belungiselela lo mqhudelwano obuhlelwe ngoZibandlela wangonyaka odlule.
USibiya osebenza ngaphansi kwe-DMZ Promotions waqale wahluleka ukufaka imali yesikhwama ezinsukwini ezingu-30 ngaphambi kosuku lomqhudelwano ngokomthetho we-Boxing Act of 2001.
Ibhodi elilawulayo libe selinikeza uphromotha waseThekwini ithuba lesibili lokuqedela ukukhokha lamnika umnqamulajuqu wangomhlaka-5 kuNhlolanja okuwusuku lomqhudelwano.
Kodwa ngoLwesibili ebusuku kuvele ukuthi uSibiya wasebenzisa imali ayithola eMnyangweni wezeMidlalo KwaZulu-Natali. Umnyango usiza ophromotha abayisikhombisa ngemali ngethemba lokuthi bazovuselela isibhakela.
Okuhamba phambili ngohlelo lwangoZibandlela bekuyimpi yesicoco sikazwelonke se-middleweight phakathi kukaNkululeko Mhlongo no-Ayanda Mthembu.
UMapule Ngubane noRushda Mallick bazohlangana ngomgqibelo emqhudelwaneni wabesifazane we-South African middleweight.
USabelo Chili, ongomunye wabashayisibhakela obekumele abonakale kulo mqhudelwano wangoMgqibelo akakwazanga ukufihla ukuphoxeka kwakhe.
“Lo phromotha akanandaba nezinto esizithandayo. Ngeke ngisamukele isicelo sakhe ngoba usedlale ngami kabili,” kusho uChili.
IMenenja ye-BSA KwaZulu-Natali uMike Dube ukuqinisekisile ukuthi umqhudelwano uhoxisiwe.
“Kuyishwa futhi kuyizindaba ezibuhlungu kubashayisibhakela, abaphathi nabalandeli abebewubheke ngabomvu lo mqhudelwano. Ngeke ngisho ukuthi yiziphi izinyathelo i-BSA ezozithathela uphromotha size siqoqe ubufakazi,” kusho uDube.
Imibiko iveza ukuthi uSibiya engaxoshwa noma aphucwe ilayisensi ngokufaka lo mdlalo ehlazweni.
Ngesikhathi ethintwa ukuthi aphawule, uSibiya uthe umatasa. Ngokuhamba kwesikhathi kuvele ukuthi usemhlanganweni nezikhulu ze-KZN Boxing Professional Association ebezimbizele ukuzomqondisa izigwegwe.
Imizamo yokuthola uvo emnyangweni wezeMidlalo namaSiko KwaZulu-Natali ishaywe indiva.