Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Umphakathi wasemijondolo yaseKapa, eSiqalo ugcwale imigwaqo ubhikisha njengoba ubufuna ukuvikelwa kwamaphoyisa ezinganeni zabo.
Lo mphakathi ukhungethwe uxhaxha lwezigameko zokuhlaselwa izigebengu zifuna ukuziphindiselela ngokushona kwelinye lamalungu awo.
Umholi weSiqalo, uThelma Tshabile udalule ukuthi ukuhlaselwa kwezingane ezingenacala kuqale ngemuva kokuthi umphakathi ubambe ubulale omunye wezigebengu zase-Samora Machel ezagebenga izakhamuzi endaweni yazo ezinyangeni ezintathu ezedlule.
UTshabile uthe, “Lezi ezinye izigebengu ezinhlanu zikwazile ukubaleka.
“Izingane zethu zihlaselwe e-Samora Machel ngenhlanhla zakwazi ukuphunyuka.”
Ngemuva kwalesi sigameko banqume ukuthi bayeke ukuhambisa izingane zabo ezikoleni e-Samora Machel ngoba izigebengu zibalindile.
Umphakathi uvakashele esiteshini samaphoyisa ufuna ukuvikelwa kwezingane zabo kanye nomhlangano nabazali base-Samora Machel osunikezwe izinsuku eziyisikhombisa ukuthi amaphoyisa awuhlele.
UTshabile uthe amalungu e-SAPS kuzomele ahambe nezingane zabo uma ziya esikoleni futhi abuye nazo emakhaya ukuze kuqinisekiswe ukuphepha kwazo.
Eziphendulela uConstable Siviwe Gaqa uthe sebeqale uhlelo lokugada omakhelwane ukusiza izingane zaseSiqalo.
“Kuzofanele sisebenzisane ukwenza isiqiniseko sokuthi izingane zaseSiqalo ziphephile. Wonke umuntu kuyo yomibili imiphakathi udinga ukubamba iqhaza ekulandeleni umthetho nokuhleleka kulezo zindawo eziyingozi.”
Uthe banezimoto ezimbalwa ngakho ngeke bakwazi ukuba khona nsuku zonke, kodwa njengoba ziqashwe ngomakhelwane izingane zaseSiqalo eziya esikoleni noma ezivakashele e-Samora Machel zizobe ziphephile.
UNobhala we-Community Policing Forum, uMnu Siya Nondwebi uthe bazoxhumana nobuholi beSiqalo ukuze babeke usuku lomhlangano.
“Sizoxhumana nabo ngaphambi kwezinsuku eziyisikhombisa abazinike i-SAPS. Besingazi ngokuhlukunyezwa noma ukuhlaselwa kwezingane zabo futhi sizwe ngakho kuphela muva nje.”
UNwabisa Adonis (45) oyilungu lomphakathi, uthe izakhamuzi zinesandla kulokho okwenzeka e-Samora Machel.
“Uzomangala ukuthi umphakathi uzivikela kanjani izigebengu. Mhlawumbe bayesaba ukukhonjwa indlela, kodwa kuze kube umphakathi uthatha isinqumo sokusebenzisana ne-SAPS nonogada bomakhelwane, akukho okuzolunga kule ndawo.”
Esithombeni esingenhla: NgoLwesihlanu amalungu omphakathi aseSiqalo amashele e-Samora Machel SAPS ecela amalungu ukuthi avikele izingane zabo.
Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze