Ungcwatshwe njenge qhawe owe-musangwe

Elmon Tshikhudo

Bekubuthene abashayisibhakela kanye nabaculi abavela ezindaweni ezahlukene e-Vhembe emngcwabeni kaColbert Ndiitwani ngempelasonto.

Njengempilo yomdlali (72) wembila umngcwabo wakhe ubuyisimanga ngendlela emangalisayo kanti ushiye umphakathi ubambe ongezansi.

UNdiitwani usanda kushona kanti ozakwabo emdlalweni wesintu wokulwa ngequpha i-Musangwe banqume ukumnikeza umngcwabo osemthethweni we-Musangwe.

Amathoni amahle e-mbila yakhe abeyithanda abezwakala emoyeni usuku lonke phakathi nemibukiso ye-musangwe kanye nokushaywa kwehlombe okujabulisayo.

Ngesikhathi ibhokisi lakhe likhishwa etendeni obekubanjelwe kulo inkonzo lehliselwa endaweni yakhe yokugcina, umdlali we-mbila owayeqeqeshwa uNdiitwani  ubeshaya imfijoli emngcwabeni wakhe.

Omunye walabo abebeze kulo mngcwabo nguFhatuwani Nethononda ongunobhala we-Vhembe Traditional Boxing.

Uthe lo mngcwabo okhethekile ubungowokuhlonipha umufi uNdiitwani ngendlela efanele  ngamagalelo akhe emdlalweni we-Musangwe.

“Siyinhlangano sibone kufanele ukuthi simnike umngcwabo ubezowuthanda,” kusho uNethononda.

“Usebenze ngokuzikhandla ekuqinisekiseni ukuthi umdlalo we-Musangwe uyathuthuka futhi uduma ngale ndlela odume ngayo namuhla.”

UNethononda uthe uNdiitwani unikele ngempilo yakhe yonke kulo mdlalo.

“Izizukulwane zifikile zadlula kodwa yena ubehlezi ekhona. Uhambe yonke indawo yase-Vhembe edlala noma yikuphi lapho obekunomqhudelwano khona,” engeza.

Ikhono lakhe eliyingqayizivele lokuhlanganisa uthando lwakhe kulo mdlalo nothando lwakhe lwe-mbila belihlonishwa kakhulu.

“Umculo wakhe nesigqi sawo bekuhlukile futhi kugqugquzele abashayisbhakela ubakhuthaza ukuthi babambe iqhaza.

Igalelo lakhe likhulu futhi angeke lithathwe kancane. Sithobekile ngokuba yingxenye yempilo yakhe,” kusho uNethononda.

Kuhlelwe inkonzo yesikhumbuzo sokukhumbula uNdiitwani kanjalo nesikaMengameli we-Musangwe uMnu Poison Ndevana.

Umshana kaNdiitwani, uMichael Ndiitwani uthe umalume wakhe ubengumdlali we-mbila ohamba phambili futhi awukho umqhudelwano obuphela engadlalile.

“Ngekhono lakhe lokudlala eliyingqayizivele abaningi baye baheheka emdlalweni we-musangwe,” kusho uMichael.

Uthe abazange bamangale ngesikhathi ozakwabo becela ukuthi babe yingxenye yezinhlelo zomngcwabo.

“Sithobekile ngendlela ozakwabo abamngcwabe ngayo. Ukuzibandakanya kwabo kuthobe izinhliziyo zethu,” kuphetha uMichael.

Umthombo wesithombe: Elmon Tshikhudo

Izihloko zakamuva