Lubhalwe nguLinda Ximba
Ngaphezu kokuxabana kwakhe noZamanguni Gumede esidlangalaleni, uBabes Wodumo unikeze umamezala wakhe umngcwabo ohloniphekile.
UZamanguni noBabes babengahoshelani kahle ngesikhathi indodana kaZamanguni engasekho, uMandla “Mampintsha” Maphumulo ekhetha ukushada noBabes.
UBabes Wodumo ogama lakhe langempela uBongekile Simelane uthuse abantu abaningi emngcwabeni KwaMashu ngoMgqibelo ngesikhathi ethi ukhokhe izindleko zomngcwabo futhi ekhombisa ukuthi ubemnakekela umamezala wakhe.
Uthe ubengakusho lokhu ngoba efuna ukubukisa.
“Mina nomamezala wami saba nokungaboni ngaso linye, kodwa ngokuhamba kwesikhathi sabuyelana ngaxolisa ngesenzo sami,” kusho uBabes.
“Ngiyabaqinisekisa abakwaMaphumulo ukuthi abasoze balamba ngisaphila futhi umnyango wendlu yami ese-Westville uyohlala uvulekile kinina.”
UZamanguni ogule washaywa isifo sonhlangothi ngemuva kwezinsuku kungcwatshwe uMampintsha ngenyanga edlule, ubekwe endlini yakhe yokugcina emathuneni ase-Redhill, eThekwini.
Indodakazi yakhe, uPinky Gumede ubonge uBabes ngokukhipha imali ukuze unina wabo angcwatshwe ngesizotha.
Abaculi okubalwa kubo uDJ Sox, uMondli Ngcobo noNozipho Khumalo ophume phambili kuma-Idols bebengabanye abaphumelele ukuzovalelisa kumama kaMampintsha.