Ungcwatshwe ngesizotha obenandisa ezinkundleni

Karabo Rammutla

Ufihlwe ngoMgqibelo emathuneni ase-Heatherly umshayi wesigubhu we-Sundowns. 

UJohn Black Madumo ubeneminyaka engu-42 edume kakhulu ngokushaya isigubhu ngokungakhathali uma kunemidlalo yeqembu. Ungcwatshwe ngendlela enesizotha endaweni yangakubo e-Mamelodi.

Kuphele amahora amabili kuvaleke umgwaqo obuqonde emathuneni i-Alwyn kanye no-Solomon Mahlangu.

Ibhokisi lakhe belibhalwe igama leqembu i-Mamelodi Sundowns lithwelwe ngenqola ngesikhathi abalandeli beqembu bemasha phambili.

UMadumo ubengomunye wabalandeli ababenandisa uma kunemidlalo yeqembu. Owayengumqeqeshi we-Mamelodi Sundowns uPitso Mosimane waze wamthengela esinye isigubhu. 

“Ngidlulisa amazwi enduduzo kuMasandawana, ukulahlekelwa nguBra John Black Madumo kusithuse kakhulu. Ubukhona bakhe buzokhumbuleka enkundleni,” kubhala uMosimane ku-Twitter.

“Umsindo wakhe eshaya leso sigubhu iwona owangidonsa ukuthi ngimnikelele ngesinye ngoba wayesikhuthaza kakhulu thina nabadlali akaphumule ngokuthula.”

“Kwangathi umsindo wesigubhu sakho ungahlala ezinhlizweni zethu zethu ingunaphakade.”

UMadumo ushone ngeSonto eledlule ngemuva kokugula isikhashana kanti ushiye emhlabeni odadewabo abathathu nomfowabo oyedwa.

Umdidiyeli kazwelonke omele abalandeli be-Mamelodi Sundowns uCedric Moela uthe ukudlula kukaMadumo kwethuse wonke umuntu obemazi eqenjini.

“UMadumo ubelithanda iqembu le-Mamelodi Sundown futhi ehambela imidlalo ye-Sundowns azi kahle ukuthi uyokwenza into ayithandayo ejabulisa nabalandeli  egqugquzela abadlali ngesigubhu sakhe.”

UMoela uthe uMadumo ubebuyisa ukuhleleka enkundleni kanti wonke umlandeli we-Sundowns ubefuna ukuba seduze kwakhe njengoba ubenandisa umdlalo wonke. Ngemuva komdlalo ubephinde ajabulise iqembu le-Mamelodi Sundowns.

Izihloko zakamuva