Ungayenza kanjani impilo emuva kokushona

Khohlwa ngokungcwatshwa ngebhokisi lomngcwabo noma ngokushiswa.

 Khohlwa izitokofela kanye nabangcwabi.

Wena nabathandiweyo bakho ningaphenduka umquba ngemuva kokushona.

Inkampani yase-Seattle eMelika, isungule indawo yokungcwaba abantu abafuna ukwenziwa umquba ukuze bezoba ngumanyolo wokukhulisa izimbali.

UKatrina Spade ongumsunguli we-Recompose uthi, wethula “inguquko ekunakekelweni kwemizimba yabashonile”.

Ufuna ukushintsha indlela abantu abacabanga ngayo nokuthi kwenzakalani uma sebeshonile.

Isifundazwe sakhe, okuyisifundazwe sase-Washington, sibe ngesokuqala ukwenza ukuphendulwa komzimba womuntu umanyolo kube semthethweni.

Uma sekuwumquba, umzimba womuntu usuke usuphenduke inhlabathi.

Yilokho esikubiza ngokuthi ukubuyisela emhlabeni.

Izihloko zakamuva