
Khohlwa ngokungcwatshwa ngebhokisi lomngcwabo noma ngokushiswa.
Khohlwa izitokofela kanye nabangcwabi.
Wena nabathandiweyo bakho ningaphenduka umquba ngemuva kokushona.
Inkampani yase-Seattle eMelika, isungule indawo yokungcwaba abantu abafuna ukwenziwa umquba ukuze bezoba ngumanyolo wokukhulisa izimbali.
UKatrina Spade ongumsunguli we-Recompose uthi, wethula “inguquko ekunakekelweni kwemizimba yabashonile”.
Ufuna ukushintsha indlela abantu abacabanga ngayo nokuthi kwenzakalani uma sebeshonile.
Isifundazwe sakhe, okuyisifundazwe sase-Washington, sibe ngesokuqala ukwenza ukuphendulwa komzimba womuntu umanyolo kube semthethweni.
Uma sekuwumquba, umzimba womuntu usuke usuphenduke inhlabathi.
Yilokho esikubiza ngokuthi ukubuyisela emhlabeni.