UNeymar ufaka igxalaba ekusizeni uzakwabo olahlwe elokudlwengula

Umndeni kaNeymar usize uDani Alves ukuthi akhokhe inhlawulo engu-€150,000 (R3-million) ecaleni lokudlwengula abekwe lona.

Lesi sinxephezelo sizosiza ekwehliseni isigwebo sika-Alves sibe iminyaka emine nesigamu ecaleni abhekene nalo lokudlwengula.

Lesi sigameko senzeke endaweni yokucima ukoma e-Spain, kanti u-Alves ubhekene nokubhadla ejele iminyaka engu-12 okuyisigwebo esicelwe ithimba labammeli besisulu.

Kuzomele akhokhe imali njenge sinxephezelo isisulu esidlule kuso, futhi kubikwa ukuthi lesi sinxephezelo singase sibe nomthelela omkhulu kwimiphumela yesigwebo.

Umndeni kaNeymar kuthiwa unikeze u-Alves ukwesekwa kwezomthetho ngoGustavo Xisto, ummeli owaziwayo ohlangene noyise kaNeymar.

U-Alves, osehlale isikhathi esingaphezu konyaka evalelwe ngaphambi kokuqulwa kwecala, wathi umsulwa ngesikhathi kuqhubeka icala futhi baya nesisulu ocansini bekuvumelene.

Kodwa-ke isinqumo senkantolo sichaze kabanzi ngezimo ezinodlame zokushaya, kwaphinde kwachazwa kabanzi ukuthi ukusondelana kwabo akusho ukuvuma izenzo eziholele ekutheni u-Alves abekwe icala lokudlwengula.

Ngaphandle kwesigwebo sasejele kanye nesinxephezelo ekumele u-Alves asikhokhe ubhekene neminyaka emihlanu yokuphuma ngoshwele kanye nencwadi emuvimbile iminyaka eyisishiyagalolunye nesigamu ukuthi angaxhumani nesisulu.

Lubhalwe ngumbhali we-Stuff

Isithombe ngenhla: uNeymar noDani Alves.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva