Unentshisekelo enkulu yokufuya owashiyelwa ibhizinisi uyise 

Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata

UBulela Wili (14) ungumlimi osemuncane kunabo bonke Eluxolweni njengoba ehola ibhizinisi lomndeni lokufuya aphinde abhekane nomsebenzi wakhe wesikole njengoba efunda esikoleni samabanga aphezulu eMasixole.

Uyise ongasekho odlule emhlabeni nyakenye wayemfundisa amaqhinga okuhweba kusukela esemncane eneminyaka eyisikhombisa.

“Kunezifundo engizifundile kubaba, kodwa engikuthanda kakhulu ukuhlonipha abantu,” kusho uWilli etshela i-Scrolla.Africa.

Imfuyo yakhe ihlanganisa izimvu, izimbuzi nezinkukhu. Umfundi webanga lesishiyagalolunye emndenini uyakujabulela ukunakekela yonke imfuyo nokuphatha ibhizinisi lomndeni.

Ngesikhathi esemncane, uyise kaWili ubehamba naye uma ehambela amakhasimende akhe. Ngale mihlangano, uyise wayemfundisa ukusebenza kwansuku zonke kwebhizinisi. Kuze kube namuhla amakhono awafundile asaqhubeka nokumsiza ukuqhuba ibhizinisi.

“Ngafunda amakhono ebhizinisi okuhlanganisa nokuxoxisana.”

“Ohambweni lwami ngike ngahlangana nabantu abalindele ukuthi ngidayise isitoko sethu ngamanani aphansi. Bathenga bese bebuya ngemuva kwezinsuku bethi ngibize imali eningi futhi bathembise ukuya kwenye indawo.”

Uma abanye abantu benza ngalendlela  kuyamphazamisa lokho umlimi osemusha.

“Kungani bethenga isilwane ebhizinisizi kwasekuqaleni uma bezobuya benganelisekile ngokubiza kwamanani?” kubuza umfana.

Umndeni kaWili uvame ukungenelela uma esesikoleni.

Udadewabo omdala, uSinoxolo Wili umchaza njengomuntu othulayo onomlando ojulile futhi ubesondelene kakhulu noyise.

“Ngicabanga ukuthi indlela aliphathe kahle ngayo ipulazi kusayindlela yokuhlonipha ubaba wethu. Ufuna ibhizinisi liphumelele kakhulu kunakuqala.”

Bekunezimvu ezibalelwa ku-40 azidayise ngoZibandlela nyakenye lingakapheli isonto. Wadayisa nezinkomo ezinhlanu. Okudingeka kakhulu izimbuzi kwesinye isikhathi izinkukhu.

Isithombe esingenhla: UBulela Wili epulazini alishiyelwa uyise

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva