Everson Luhanga
UNdunankulu waseMpumalanga, uRefilwe Mtsweni-Tsipane uvumile ukuthi unecala ngokungasigqoki isifonyo emngcwabeni kaNgqongqoshe wehhovisi likaMengameli uJackson Mthembu.
UMtsweni-Tsipane wenze isitatimende esiteshini samaphoyisa e-Vosman Emalahleni waxolisa kuMengameli uCyril Ramaphosa, iPhini likaMengameli uDavid Mabuza, umndeni wakwaMthembu, abantu baseMpumalanga kanye nezwe lonke.
Esitatimendeni sabezindaba esikhishwe ngoMsombuluko, uMtsweni-Tsipane uthe:
- Ngibhalele nomengameli wezwe incwadi ngizwakalisa ukuzisola kwami ngalesi senzo.
- Ngithenge izifonyo eziyinkulungwane ezizosatshalaliswa Emalahleni njengengxenye yomkhankaso wokufundisa umphakathi nokuqwashisa ukukhombisa ubucayi be-Covid-19.
- Ngidlulisa amazwi enduduzo kuyo yonke imindeni elahlekelwe yizihlobo zayo ngesikhathi salolu bhubhane.
- Ngifisela nalabo okwamanje abalwa negciwane ukululama okusheshayo.
- Ngithathe isinqumo sokuyohlala ngedwa ngigonqe izinsuku eziyi-14.
UMtsweni-Tsipane ubelokhu egcwele ezinkundleni zokuxhumana ezehlukene kanti nabantu baseNingizimu Afrika bazwakalise ukungenami kwabo ngokuziphatha kukaNdunankulu.
“Ngiyiqaphele imibiko yezokuxhumana nabezindaba eveza izikhathi lapho ebengihamba ngingasigqokile isifonyo. Kusukela lapho ngicabangisisile ngalesi senzo esimbi kangaka futhi engizisola ngaso kakhulu.
“Bekufanele ngabe ngazi kangcono njengomuntu ohlonishwayo, futhi ngiya emngcwabeni womuntu obene-Covid-19,” esho esitatimendeni.
NgeSonto, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele wayalela amaphoyisa aphezulu ukuthi aphenye ngokuziphatha kukaNdunankulu athi “ukungagqokwa kwezifonyo esidlangalaleni akukhulunywa.”
Uthi uMtsweni-Tsipane wayengazi ukuthi isifonyo sakhe sase siwile siveze umlomo wakhe ngesikhathi ayephuma ngaso emotweni yakhe.