UNdunankulu waseMpumalanga uxoshe oNgqongqoshe abane kwikhabinethi yakhe

Dalphine Tagwireyi

UNdunankulu waseMpumalanga, uRefilwe Mtsweni-Tsipane usexoshe ongqongqoshe abane kwikhabhinethi yakhe.

ONgqongqoshe uGillion Mashego, uGabisile Tshabalala, uPetrus Ngomane kanye noNorah Mahlangu baxoshiwe kwafakwa abanye ngokuphazima kweso ezikhundleni zabo.

Kunezinsolo ezithi laba abane abaxoshiwe bangabalandeli abathembekile bakaDavid Mabuza, futhi bebeyingxenye yenhlangano ebiphikisana noTsipane nokugcine kuholele ekutheni athathe isinqumo sokuhoxa embangweni wokuba ngusihlalo we-ANC.

Lolu shintsho luqinisekisa ukuthi izimpi ziyashuba emaqenjini amancane aphakathi kwi-ANC eMpumalanga, njengoba abanye osopolitiki bephikisana noNdunankulu futhi kuqondakala ukuthi basebenza kanzima ukukhipha uTsipane esikhundleni.

Ngesonto eledlule ngemuva kokuba ahoxe embangweni wokuba ngusihlalo waseMpumalanga, kunemibiko mayelana nesinqumo sikaTsipane sokushintsha ikhabinethi yakhe ukuze athulise abagxeki bakhe kanye namalungu ekhabhinethi lakhe abebefaka ingcindezi yokuthi ahoxe ngokushesha ekuphakameni kwezepolitiki eqenjini.

UNdunankulu udalule ukuthi ushintsho kwikhabhinethi bekungenxa yokwenza ngcono ukusebenza kwabo nokuqinisekisa ukuthi izinsizakalo ezingcono ziyalethwa kubantu baseMpumalanga.

Ngesikhathi abakwa-Scrolla.Africa bebuza uBanele Masheleni, okhulumela i-ANCYL esifundeni saseNkangala ngokuhoxa kukaNdunankulu esikhundleni sokuba ngusihlalo we-ANC, uthe: “Ngeshwa angikho esimeni sokuphawula ukuthi uhoxile noma cha. Nami angimeseki ukuthi ahole isiFundazwe njengoSihlalo we-ANC.”

Kodwa-ke wathi  uyameseka ukuthi ahole uhulumeni.

“Ngikholwa ukuthi unolwazi oluningi kwezokuphatha,” uyasho.

ONgqongqoshe abasha uBusisiwe Shiba (wezokuBusa ngokuBambisana), uMohita Latchminarain (Imisebenzi Yomphakathi), uSpeedy Mashilo (Wezokuhlaliswa Kwabantu) nephini likaSomlomo waseMpumalanga, uVusi Mkhatshwa (uMgcinimafa Wesifundazwe).

Izinguquko ezenziwe yilezi uMandla Msibi uye kweZolimo, uLindiwe Ntshalintshali kwi-Social Development, uVusi Shongwe ubekwe eMnyangweni wezokuPhepha koMphakathi uThandi Shongwe eMnyangweni wamaSiko.

Izithombe – Refilwe Mtsweni-Tsipane

Izihloko zakamuva