UNdunankulu wase-Sudan uphakathi kwabaholi ababoshwe ngamadoda abehlomile

Kamogelo Muvhenzhe

Amadoda abehlomile ezweni eliseMpumalanga ye-Afrika, i-Sudan, abophe inqwaba yabaholi bezepolitiki nabakahulumeni emizini yabo ngoMsombuluko okubalwa kubo noNdunankulu u-Abdalla Hamdok.

Lokhu kuza ngemuva kwenxabano ethathe amasonto phakathi kwamasosha kanye neziphathimandla.

Ngokusho komnyango wezokwazisa esitatimendeni esithunyelwe ezinkundleni zokuxhumana, amasosha ase-Sudan abophe uHamdok endlini ngenxa yokunqaba ukusekela umbuso. Kuphinde kwavalwa ne-inthanethi ezweni lonke.

Izinkulungwane zabantu zibhikishe emigwaqeni yenhlokodolobha i-Khartoum zishisa amathayi, zikhalaza ngokuboshwa kwalaba baholi.

Umthombo kahulumeni utshele i-AFP ukuthi kuboshwe abanye abaholi abahlanu abaphezulu kuhulumeni.

Umnyango wezokwazisa uphinde wathi amaqembu ahlangene namadoda yiwo abophe laba baholi.

Isitatimende sithe: “Amalungu omphakathi we-transitional sovereign council kanye nedlanzana loNgqongqoshe bakahulumeni wesikhashana baboshwe ngamaqembu amasosha ahlangene. Bahanjiswe endaweni engaziwa”.

Lokhu kuboshwa kuza ngemuva kwamasonto amaningi kunokungezwani phakathi kwamasosha kanye nabaholi bamasosha asebehlanganise amandla kusukela ngoNcwaba wezi-2019 kulandela ukuxoshwa kwalowo owayenguMengameli wezwe u-Omar al-Bashir.

Izihloko zakamuva