Kamogelo Muvhenzhe
Ukwesula kuka-Abdalla Hamdok esikhundleni, emasontweni ayisithupha ebuyiselwe esikhundleni sakhe njengoNdunankulu, kuza ngemuva kwamasonto okushuba kwezombusazwe kanye nemibhikisho esabalele.
Ngesikhathi kuketulwa umbuso ngoMfumfu nyakenye, i-Sudan yamemezela isimo esiphuthumayo futhi yachitha ubuholi bayo bomphakathi, okuyisinyathelo esasusa imibhikisho yentando yeningi.
UHamdok, owathatha izintambo ngo-2019, wathunjwa amasosha ngesikhathi kuketulwa umbuso, waphoqeleka ukuthi ehle esikhundleni. Kodwa uye wabuyela esikhundleni sakhe ngoLwezi ngemuva kokwenza isivumelwano nabaholi abaketule umbuso.
UHamdok umemezele ukwesula kwakhe ngeSonto ebusuku, wathi ukwesula kuzovumela omunye umuntu ukuthi ahole isizwe futhi aqedele isikhathi sakhe ngokuholela izwe kuntando yeningi.
“Ngizame konke okusemandleni ami ukuvimba lelizwe ukuthi lingayi eweni. Izwe belisesimweni esiyingozi esisongela ukuguqula ukuphila kwalo lonke,” esho.
Uthe wesula esikhundleni ngemuva kokuthi angakwazi ukwenza isivumelwano sokuletha lolu shintsho. Ucele ukuthi kube nezingxoxo ukuze kufinyelelwe esivumelwaneni esisha mayelana noguquko.
NgoZibandlela, izinkulungwane zababhikishi base-Sudan zihlangane ukubungaza iminyaka emithathu selokhu kwaqala imibhikisho eyaholela ekuxoshweni kukandlovukayiphikiswa u-Omar al-Bashir.
Ngokusho kwe-Sudan Central Doctors’ Committee, bangu-57 abantu asebebulewe emibhikishweni kusukela kuqale ukuketulwa kombuso, okuhlanganisa nabantu ababili ngeSonto.
Umnyango wezwe laseMelika ubhale ekhasini lawo kokuxhumaba ku-Twitter ukuthi noma ngubani ozoqokwa kuzomele alandele isivumelwano sokwabelana ngogesi esenziwa ngo-2019.
“UNdunankulu olandelayo wase-Sudan kanye nekhabhinethi kufanele baqokwe ngokuhambisana nesimemezelo somthethosisekelo ukuze kuhlangatshezwane nezinhloso zabantu zenkululeko, ukuthula kanye nobulungiswa,” esho.
“Udlame olubhekiswe kubabhikishi kumele luphele.”