Kabelo Tlhabanelo
Abahlali base-Harrismith bafuna ukukhuluma noMengameli uCyril Ramaphosa – hhayi omunye umuntu.
Nangesikhathi uNdunankulu wase-Free State uSisi Ntombela evakashele kule ndawo yombhikisho, imoto yakhe ishaywe ngamatshe wathathwa wayiswa kwezokuphepha ngenyala yamaphoyisa.
Lesi sigameko senzeke eNtabazwe ehholo lapho kuqubuke khona udlame.
Emasontweni amathathu edlule, abahlali base-Harrismith bebelokhu befuna ukuthi bavunyelwe ukusuka e-Maluti kuMasipala wase-Phofung.
UNeo Motaung unanele emazwini abahlali.
“Besingazi ngokufika kwakhe futhi asimfuni lapha,” esho.
“Sifuna ukuhlangana noMengameli uRamaphosa ngoba asifuni ukuba yingxenye yalo masipala ongenamsebenzi.”
Ubuye wathi lo mbhikisho oqale mhla zingama-27 kuNhlaba bekuwukuqinisekisa ukuthi i-Harrismith iba ngaphansi kukamasipala omusha ozohlomulisa abahlali bawo.
Iphoyisa lithe uNdunankulu ubehamba nonogada bakhe ngesikhathi ehlaselwa.
“Ngenhlanhla bekunenyala yamaphoyisa eduzane futhi kwabizwa amanye amaphoyisa,” kusho iphoyisa.
“Amaphoyisa akwazile ukufaka uNdunankulu kwinyala ngesikhathi esalokhu evika amatshe. Ujabule kakhulu ngesikhathi etakulwa kulesi simo ebesibucayi futhi uwancomile amalungu ethu.”
Bobabili uNdunankulu nomkhulumeli wakhe, uSello Pietersen, abatholakalanga ukuba baphawule.
Umsebenzi osebenza ehhovisi likaNdunankulu uthe: “UNdunankulu akalimalanga. Amaphoyisa amhlengile.”
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Motantsi Makhele usiqinisekisile isiphithiphithi wathi bayisithupha abantu ababoshelwe udlame emphakathini ngemuva kokuba iqembu lijikijele izimoto ngamatshe.
“Isimo sishubile kodwa ukubonakala kwamaphoyisa kuphezulu ezindaweni ezinodlame kanye nasemigwaqweni kazwelonke,” kusho uMakhele.