UNdunankulu wase-Eastern Cape nezinhlelo zoshintsho 

Lubhalwe nguThabisa Ndzindzwa

Kuzoba khona ukukhanya ekugcineni.

Lesi isethembiso esenziwe nguNdunankulu u-Oscar Mabuyane enkulumeni yesimo sesifundazwe sesishayamthetho sase-Eastern Cape eBisho ngoLwesihlanu.

Le nkulumo iza ngesikhathi abantu base e-Eastern Cape bebhekene nengwadla yokuntuleka kwemisebenzi kanye nezinga lobugebengu eliphakeme kakhulu.

UNdunankulu uthumele amazwi enduduzo emphakathini wase-New Brighton e-Gqeberha, e-Thantseka, e-Mthatha naseMajola e-Port St Johns. Imiphakathi isanda kuthola izigameko zokudubulana ezidlule nemiphefumulo engenacala.

Ekuphenduleni ukwanda kwesihlava sodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane (i-GBV), uMabuyane uqinisekise abantu base-Eastern Cape ukuthi ilebhu yesifundazwe yokuhlolwa kwamacala isebenza ngokugcwele.

“Siyajabula ukunazisa ukuthi ilebhu ehlola amacala e-East London isiyasebenza. Lokho kuzothuthukisa ikhono lethu lokuxazulula amacala e-GBV futhi kusheshiswe ukuhlolwa kolibofuzo kanye nokuhlolwa kwezibhamu emacaleni okubulala,” kusho uMabuyane.

Uthe amaphoyisa e-SAPS azosebenzisa izindlela ezehlukene zokunqanda ubugebengu ezihlanganisa ukusungula amathimba aqondisa izigwegwe ezehlukene aholwa uphiko lwesifundazwe lobugebengu obuhleliwe, nokutshala amathimba okusabela ngobuchule kanye namaphoyisa avikela umphakathi ezindaweni ezihlanganisa uMasipala wase-Nelson Mandela Bay ukuze kumiswe ubugebengu.

KwaMajola e-Port St Johns sekusungulwe isiteshi samaphoyisa esingumahamba nendlwana.

Enkulumweni yakhe, uMabuyane uthe unyaka ka-2022 unyaka wenqubekela phambili enkulu njengoba umnotho wesifundazwe uqala indlela yokusimama lapho kwaqashwa khona abantu abangu-144,000 ngemuva kokubheduka kwe-Covid-19 ngo-2022 nango-2021.

“Namuhla ngifuna ukuqinisekisa abantu besifundazwe sethu ukuthi miningi imisebenzi ezayo. Siqophe umlando ngokuheha abatshalizimali abasha abangu-11 ngemali elinganiselwa ku-R46 billion uma sebehlangene ngengqungquthela yethu ye-Provincial Investment Conference.”

“Ngalezi zimali ezisanda kumenyezelwa, amaphrojekthi enani elingaphezu kuka-R1.3 billion ayaqhubeka njengoba kudaleke amathuba emisebenzi angu-1,198,” engeza.

UNdunankulu uthe lokhu kuthuthukiswa kuqinisa izibopho ezenziwa uhulumeni zokuthuthukisa imfundo esifundazweni.

“Siyajabula ukumemezela ukuthi izinga lokuphasa lilonke emabangeni aphansi belilokhu lingaphezulu kuka-80% kule minyaka emithathu edlule, kanti manje limi ku-91.7%.”

Ngaphezu kwalokho ukuze kwandiswe amakhono okufunda, “sethula i-Eastern Cape Reading Academy, eyimodeli yokuqeqeshwa kothisha nge-inthanethi futhi izosiza ukukhuthaza imfundo ebandakanya wonke umuntu ngohlelo lweBonke Ngabethu”.

Isithombe esingenhla: UNdunankulu wase-Eastern Cape uLubabalo Oscar Mabuyane

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva