Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
UNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane uthe uzovulela uKumkani uBuyelekhaya Dalindyebo icala lokumehlisa isithunzi ngoLwesithathu ngomhlaka-11 kuMandulo.
Lokhu kulandela ukusola kweKumkani yabaThembu esidlangalaleni ngokuthi uMabuyane wahlomula ezivumelwaneni zokuqolwa ezibandakanya inkosi yaseMthatha West uMnuz Sakhumzi Mareke.
UMareke ubulawe esigamekweni sokudubulana namaphoyisa ngoLwesithathu olwedlule.
UMabuyane utshele iNewzroom Afrika ukuthi uzovula icala kunoma ngubani omsola ngobugebengu nenkohlakalo.
“Kunabanye abantu abakwazi ukudala isiphithiphithi ukuze singagxili ezintweni ezibalulekile,” usho kanje, “Ngike ngabona iKumkani ikusho lokho ingisola ngokuthi ngiyahlomula ezimalini zokuqolwa kwabantu, kuyangijabhisa lokhu ukuthi kushiwo ngumuntu ofana naye.
“Ngivula icala namuhla. Ngizosayina incwadi efungelwe ngokumelene nanoma ubani osho izinto ezinjalo ngaphandle kwamaqiniso. Ngakho kufanele akwazi ukuphumela obala asitshele. Siwubuso bukahulumen sibhekana ngqo nobugebengu akakwazike ukukhuluma izinto ngokunganaki nangokudelela.”
UMabuyane uthe ngeke aludingide kwabezindaba lolu daba noma axabane neKumkani kodwa uzodedela amaphoyisa aluphathe lolu daba.
UNdunankulu ukuphikile ukubandakanyeka kuma-construction mafia kanye nokuqola.
“Umbhedo lowo. Angisoze ngangena ezintweni ezifana nalezo futhi yingakho bengithi amaphoyisa kumele aqaphe indawo yase-Eastern Cape, yingakho bengithi makufika amasosha. Ngilwela okufanele abantu base-Eastern Cape ngivikela abantu base-Eastern Cape, kodwa izigebengu ziyaqhubeka nokuqola abantu,” usho kanje.
Uncome uNgqongqoshe wamaphoyisa uMnuz Senzo Mchunu ngokuthumela amaphoyisa amaningi esifundazweni.
“EGqeberha, sibhekene nezigelekeqe ezindaweni ezisenyakatho nasezindaweni zamaKhaladi, sibhekene namagintsa emalokishini abantu abamnyama. Ngakho-ke, umbuso usuphethe, ngingakuqinisekisa lokho,” usho kanje.
Esithombeni esingenhla: UNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane.
Umthombo: Ihhovisi likaNdunankulu wase-Eastern Cape