UNdunankulu ubabaza izinkabi ezigcwele eKZN

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli ufuna ukuqeda ngezinkabi eziqeda abantu KwaZulu-Natal njengoba ethi kuyihlazo ukuthi iKZN iyisidleke sezinkabi eNingizimu Afrika.

Ukusho lokhu ekhuluma ngoLwesibili emhlanganweni wesigungu sesifundazwe wezinsuku ezimbili oqhubekayo Mayville , eThekwini obizwa ngokuthi iCabinet Lekgotla.

UNtuli uthe yingakho ethathe isinqumo sokuthi uMnyango wezokuPhepha koMphakathi awufake ehhovisi likaNdunankulu ngoba ufuna ukuqeda ngobugebengu nezinkabi.

“Lento yokuthi iKZN iyisidleke sezinkabi kufanele isifakele amahloni ngoba ihlazo elibi leli. Umsebenzi esibhekene nawo siyisifundazwe ukuqeda ngobugebengu. Lokhu kumele sikwenze ngokuqala siqinise umthetho ezigamekweni lezi ezincane ezenzeka emphakathini ukuze sikwazi ukulwa nobugebengu obunzima,” kusho uNtuli.

Ukusho lokhu nje neKhomishani ka-Advocate Morumo Moerane yayiphenya ngokubulawa kosopolitiki. Kwavela ukuthi iningi lezinkabi ezingomashayabhuqe zigqishe ehostela kwaMashu naseGlebelands eMlazi.

Ngaphandle kwalokho uNtuli usetshele oNgqongqoshe bakhe ukuba benze isiqiniseko sokuthi basebenza ngokuzikhandla ukuletha intuthuko kubantu ngoba umphakathi ubeke kubo amathemba.

Uqhube wathi ukusebenza ngokubambisana yikho okubalulekile, kungabhekwa amaqembu abasuka kuwo ukuze bakhe isifundazwe esingcono nesinokuthula nesingenabo ubugebengu.

Izihloko zakamuva