Lubhalwe intatheli yakwaScrolla
UNdunankulu ophumayo wase-Finland uSanna Marin wenza isehlukaniso somshado.
UMarin (37) waba uNdunankulu omncane emhlabeni ngesikhathi ethatha izintambo ngo-2019.
Uhole i-Finland ngesikhathi sobhubhane futhi wangena kwi-Nato okungumfelandawonye wamasosha asentshonalanga.
UMarin ubelokhu engundabamlonyeni ngenxa yothando lwakhe lokuhamba izindawo zobumnandi.
Nyakenye ngoNcwaba kwaputshuka ividiyo yakhe ezinkundleni zokuxhumana esendaweni yobumnandi ecula, edansa futhi ephuza utshwala.
Manje usememezele ukuthi yena nomyeni wakhe uMarkus Raikkonen owayengumdlali webhola bafake isicelo sesehlukaniso.
Laba ababili banendodakazi (5).
UMarin uzoshiya isikhundla maduze ngemuva kokuthi iqembu lakhe lihlulwe okhethweni lukazwelonke lwangenyanga edlule.