Lubhalwe nguZukile Majova
UNdunankulu wase-Gauteng uPanyaza Lesufi wethule Inkulumo Yesimo Sesifundazwe sokuqala sengathi wethula umqulu omkhulu wokhetho.
Akazange akhulume ngokuthi amaphrojekthi angaphambilini esifundazweni aqediwe yini noma cha.
Akukho lutho akushilo ngomsebenzi walowo owayenguNdunankulu uDavid Makhura.
Ungene kwigiya elisha nje, isikhwama esisha sezithembiso esinezigidigi zamarandi ukuze kuncengwe amavoti aselokishini.
Iqembu le-ANC libhekene nengwadla njengoba lathola amavoti angu-50.09% ngo-2019 kanye no-47% okhethweni luka-2021.
Njengoba yehlulekile ukuthola oMasipala abaningi baseGoli, e-Ekurhuleni nase-Tshwane, i-ANC ifuna ukubambelela esizindeni sezomnotho wezwe ngazo zonke izindlela.
Ethula i-Sopa ehholo lase-City Hall eGoli, uLesufi uthe uzokwenyusa isabelomali sokulwa nobugebengu sisuke ku-R750 million siye phezu kuka-R6 billion eminyakeni embalwa ezayo.
Nazi izinhlelo ezimbalwa zikaNdunankulu
• Kumele kufakwe ama-CCTV ezindaweni
ezingaphansi kwedolobha, amalokishi, izifunda zamabhizinisi, izikole nezinye izindawo zomphakathi.
• Izakhamuzi zifakelwe ama-alarm axhunywe nesikhungo esisha sesimanjemanje se-Integrated Command Centre.
• Kwethulwe izindiza ezinophephela emhlane ezimbili ngo-2023 nezinye ezine ngonyaka ozayo.
• Kubonakale imboni yezokuvikela ziqaphile ezindaweni zonke.
• Ukuthengwa kwezindiza zesimanje ezingu-180 ezizondiza emalokishini nasezindaweni eziyimijondolo.
• Ukutholwa kwezimoto zamaphoyisa ezintsha ezingaphezu kuka-400 ukuze akwazi ukubheka izindawo amahora angu-24 esigcemeni ngasinye.
• Ukuqasha intsha engu-6,000 ezoqapha iphinde isebenzisane namaphoyisa e-Gauteng 24/7.
• Kumele imboni yezokuphepha yengeze onogada abangaphezu kuka-10,000 abazoqapha ubugebengu esifundazweni.
• Kufakwe isici sokuphepha kuma-number plate ezimoto.
• Ukuqeda izibhamu ezingekho emthethweni.
• Ukuthuthukisa i-Gauteng kuphele ukusetshenziswa kwemali yamaphepha.
“Ukufaka isandla esifisweni sethu sokusebenzisa ukheshi ekuhwebeni kwebhizinisi esifundazweni sethu, sinxusa abathengisi bethu kanye namanye amabhizinisi ukuthi ahlanganyele nemboni yezivakashi ekuqedeni ukudayiselana ngemali.
“Uma sonke senza njalo sizonciphisa ukugetshengwa kwamabhizinisi, ukuntshontshwa kwemali nokuqhunyiswa kwama-ATM,” kusho uLesufi.
Njengengxenye yohlu lwakhe olukhulu lwezinto okufanele zenziwe, uNdunankulu uphinde wanikela ngezigidigidi ukuze aqedele inkinga yokucinywa kukagesi esifundazweni.