UNdunankulu kaZulu uvimbe iSilo ukuya eMkhosini weLembe eGoli kubangwa ihlambo noPanyaza Lesufi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Sekuvele ukuthi iSilo savinjwa uNdunankulu kaZulu uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ukuba siyokhuluma eMkhosini weLembe eThokoza, eGoli ngemuva kokuba uhulumeni kaMnuz Panyaza Lesufi wenqabe ukuyogeza inkundla okwakusingethwe kuyo lo mgubho.

Kuthiwa uButhelezi wayecele ukuba kwenziwe ihlambo lesintu kuqala enkundleni iSam Ntuli ngoba iyindawo enesinyama nokwachitheka kuyo igazi, okungeke kukwazi ukuba iNdlulamithi yamakhosi ikhulume kuyo.

Nokho kuthiwa uhulumeni wase-Gauteng awuzange usayingena eyaleso sicelo kodwa waqhubeka ngenkani noMkhosi wokukhumbula iSilo sakwaDukuza iLembe. 

Imithombo ihlebele i-Scrolla.Africa ukuthi ngenxa yalokhu uButhelezi kwathi ngoMgqibelo waluleka iNdlulamithi ukuba ingabe isazihlupha ngokuphuma ehhotela iyeThokoza ngoba uhulumeni akafunanga ukulandela usiko.

“Ngenxa yalokho iSilo nabanye abaNtwana bazihlalela ehhotela, kwathunyelwa uMntwana uSimphiwe wakwaZiphethe ukuba ayosimela eThokoza. Siyezwake abanye sebesihlambalaza bethi kusho ukuthi asivukanga ngoba besikhothe amanzi amponjwana. Lokho akulona iqiniso ngoba kwawona amanzi amponjwana sesiqhelile kuwo njengoba sesingumuntu oshintshile impela,” kuchaza umthombo. 

Ngo-1991 ziyisikhombisa kuMfumfu, kwachitheka igazi kwashona abantu abangu-18 kuyo leya nkundla yaseThokoza ababehambele umngcwabo wesigagayi se-ANC uMnuz Sam Ntuli osekuqanjwe ngaye leya nkundla.

Igazi elaphalala ngalolo suku lwafaka amanzi emadolweni kubantu abasebenethemba lokuthi kuphele udlame olwaluphakathi kwe-ANC ne-IFP. 

NgoMgqibelo uMntwana uSimphiwe ukhwele wadilika kuhulumeni wase-Gauteng ewusola ngokuhluleka ukuhlela ngendlela izinto.

Kodwa kuthe uma ethintwa i-Scrolla.Africa wathi ucela sixhumane noButhelezi.

Imizamo yokuthola uButhelezi iphunzile ngoba ucingo ubengalubambi kanti nemiyalezo ebihambisana nemibuzo akayiphendulanga.

NoMnuz Sizwe Pamla wehhovisi likaNdunankulu wase-Gauteng ubengatholakali ocingweni nemiyalezo engayiphenduli.

Izihloko zakamuva