Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Isizwe sasebukhosini baseBalobedu sisole abantu abalambele amandla ngokungahloniphi uNdlunkulu uMasalanabo VII ngokudayisa umlando wesizwe kanye namagugu.
NgoLwesibili, indlu yasebukhosini yase-Limpopo ifake isicelo esiphuthumayo eNkantolo eNkulu yase-North Gauteng ePitoli ukuze ivimbele i-MultiChoice ukuthi idlale umdlalo wokuqala wochungechunge i-Queen Modjadji.
UNdlunkulu kanye nesizwe sobukhosi baseBalobedu akuzange kuxoxwe babo noma baziswe ngalolu chungechunge; balubone seluvela ngezikhangiso kumabonakude.
Basola ukuthi abadidiyeli bathole imvume kumalume kaNdlunkulu, uMpapatla Modjadji, abathi udelela uNdlunkulu ngamabomu.
IJaji elibambile, uJacques Minaar, usichithile isicelo sabo, lathi akukho ukuphuthuma ngaso futhi akaqondi ukuthi umsebenzi wenganekwane ungahlanekezela kanjani ifa-gugu (legacy), amalungelo kanye nomlando wesizwe samaBalobedu.
Lo mdlalo owuchungechunge uzoqala ukukhonjiswa ngeSonto, mhlaka-14 kuNtulikazi, ngo-8 ebusuku ku-channel 161, kuMzansi Magic.
UNobhala-Jikelele wesizwe sasebukhosini baseBalobedu, uGabriel Rasebotsa, uthe udumele ngesinqumo senkantolo, kodwa ubukhosi baseBalobedu busamukele njengezakhamuzi ezihlonipha umthetho.
“Sinxusa inkantolo ukuthi iqoke amajaji ase-Afrika esikhathini esizayo aqondayo amagugu nomlando wamasiko ase-Afrika emacaleni alolu hlobo. Isinqumo sejaji sikhombisa ngokusobala ukuthi aliwaqondi amasiko ase-Afrika,” usho kanje.
URasebotsa uthe uNdlunkulu unomsebenzi wokuziphatha, ngokomoya, ngokwendabuko, ukuvikela nokugcina abantu bakhe, amagugu namasiko.
“Akakwazi ukuma nje abukele uma umlando wakhe uhlanekezelwa, kungaba ngolimi olukhulunywayo noma ukuvezwa ngezizathu zokuthengisa noma zokuzuza ngokwemali. UNdlunkulu akakwazi ukushaywa indiva nobukhosi bakhe ezindabeni ezithinta isizwe sakhe nabantu bakubo.
“Umlando wethu kanye nefa lethu kudayiselwe abathengi abazimisela ukukhokha abazimisele ukukhokha kakhulu ukuze kwenziwe imali, kugcwale amaphakethe abathile.”
Isizwe sobukhosi baseBalobedu sinxusa uMengameli Cyril Ramaphosa ukuba akubeke eqhulwini ngokushesha ukunikeza isitifiketi sokuhlonishwa kweNdlunkulu.
“Ukubambezeleka kunikeza abantu abafana noMpapatla, ongeyona ngisho induna noma inkosi, ithuba lokwenza umathanda,” kusho uRasebotsa.
Esithombeni ngenhla: UNdlunkulu uMasalanabo VII.
Umthombo: X