Lubhalwe nguMbulelo Baloyi
- Umsindo osebukhosini usudale izinxushunxushu ezifana ncamashi nombango wencwadi yokugcina yefa yeSilo uZwelithini.
- Isinqumo senkantolo sakamuva sibhekene nokubuyisana okubikwayo phakathi kwenkosi nondlunkulu wayo wesibili ebisihlukene naye.
Selivele obala igama likandlunkulu wasebukhosini bakwaZulu obesekufakwe incwadi yesehlukaniso enkantolo phakathi kwakhe neNdlulamithi.
Lokhu kulandela amaphepha aphuthumayo asenkantolo afakwe uNdlunkulu uNtokozo kaMayisela Zulu ezama ukumisa umgcagco weSilo uMisuzulu kaZwelithini nomkakhe ongowesithathu, uNdlunkulu uNomzamo KaMyeni, ngasekupheleni kwale nyanga.
Emaphepheni asenkantolo, uNdlunkulu wesibili weSilo samaZulu uthi ushadelwe nenkosi ebusayo.
Uqhube wathi iNgonyama isanda kuqala izinqubo zesehlukaniso ngaleyo ndlela udalule ukuthi ubani phakathi kwamakhosikazi amathathu eSilo samaZulu obefakwa isehlukaniso.
Ngesikhathi kuvela izindaba zesehlukaniso, kube namahemuhemu ngokuthi ubani oseshiywa eceleni, phakathi kukaNdlunkulu ukaMayisela kanye noNdlunkulu wokuqala wenkosi waseSwatini uNdlunkulu La Makhubu.
NgoLwezi nyakenye kubikwe ukuthi uNdlunkulu kaMayisela odabuka e-Newcastle enyakatho yeKZN usebuyele ebukhosini KwaNkomonye oLundi emuva kokungabibikho cishe izinyanga eziyisithupha.
Uphinde wachitha amahlebezi okuthi ushiye iSilo ngenxa yokuthembisana umshado noNdlunkulu uKaMyeni.
Emaphepheni afakwe enkantolo, uNdlunkulu ukaMayisela uthi: “Ngingakuqinisekisa ukuthi ummangalelwa unginikeze amaphepha esehlukaniso afakwe kule nkantolo ehloniphekile.
“UMmangalelwa ufisa ukushada ngesikhathi umshado wethu usamile futhi sisalinde nesehlukaniso.”
Uqhube wathi konke kuvuna yena ngokuthi ungunkosikazi oshade ngokusemthethweni.
“Ayikho enye indlela engavimba ummangalelwa ukuba enze lesi senzo esikhulu kangaka ngaphandle kokuthi aye enkantolo ngokushesha,” kuphikisa uNdlunkulu ukaMayisela emaphepheni akhe asenkantolo.
Ngaphezu kwalokho ukhiphe isitatimende kwabezindaba esebenzisa iKaMaskolo Foundation ethi uzame ukuxoxisana namalungu omndeni wasebukhosini bakwaZulu mayelana nokungenami kwakhe kulandela amahlebezi okuthi uzogcagca okwesithathu – kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Isitatimende siqhuba sithi uhlose ukuphonsela inselelo nokuphikisana nezinhlelo zesehlukaniso.
Uthe akaphikisani nokuthi iNgonyama iganwe unkosikazi wesithathu kodwa kumele kube yinqubo futhi kuhlonishwe amasiko nemikhuba yakwaZulu, njengoba lokhu kudlula ezinye izenzo ezilandelayo.
Esithombeni ngenhla: UNdlunkulu kaZulu uNtokozo kaMayisela Zulu.
Umthombo: Safrolebs.com