Celani Sikhakhane
Uhambo lukaNdlunkulu obeyibamba leNkosi uMantfombi Dlamini Zulu, lokubuyela kokhokho bakhe luqale namhlanje ekuseni lisuka e-Wits Donald Gordon Medical Centre eGoli lapho umphefumulo wakhe waphumela khona.
Izinsizwa nezintombi zifike ekuseni ngovivi zihamba namabutho kaZulu, iqembu leSiphithiphithi kanye namalungu omndeni waseNdlunkulu kaZulu namaSwati bezolanda umoya wakhe njengosiko olwenzelwa umuntu oshone engekho ekhaya.
Inkosana uLungelo nonkosazana uNtandoyesizwe abakwazanga ukubamba izinyembezi ngenkathi inkosazana uNomkhosi esindwa yimizwa yakhe yezinyembezi ebezehla ezihlathini zakhe.
Iqembu leSiphithiphithi elasungulwa uNdlunkulu uMantfombi kanye neZintombi Zomhlanga bacule izingoma eziningi ebezithandwa uNdlunkulu ongasekho.
Ngemuva kokuthi amalungu omndeni wasebukhosini eseqedile ukwenza isiko, abhekise amabombo e-Hortbrow Mortuary ukuyolanda umzimba kaNdlunkulu ongasekho base beqonda ngqo eKZN esigodlweni sakhe kwaKhangelamankengana Royal esigodini saseNkunzana, kwaNongoma.
Abantu abaningi bebemi emgwaqeni u-N3 no-N17 ongaseMpumalanga, begebisa amakhanda abo behlonipha uNdlunkulu ongasekho njengoba izimoto bezidlula zilandelana futhi namasango akhokhelwayo avule imizila yezimo eziphuthumayo ukuvumela abasebukhosini ukudlula ngaphandle kokubambezeleka.
UNdlunkulu ongasekho uzotshalwa kusasa ebusuku kwaKhangelamankengana Royal Palace.