UNdlunkulu ukaMyeni ukhuza ubungozi bokucindezela izingane zabafana kwezentuthuko

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UNdlunkulu weSilo uMisuzulu kaZwelithini, uNomzamo kaMyeni waseMachobeni ukhuza umkhuba wukushiya ngaphandle izingane zabafana uma kwenziwa izinhlelo ezithuthukisa amantombazane.

OkaMyeni ukusho lokhu ekhuluma emcimbini wokwethulwa kwenhlangano yakhe yokusiza umphakathi okuyiSizowakha OkaZulu Foundation eJozini ngoLwesine.

Kulo mcimbi ubuye wanikela ngemifaniswano kubafundi bezikole ezahlukene eJozini.

“Kunephutha elikhulu esilenzayo lokushiya ngaphandle izingane zabafana uma kunezinhlelo zokuthuthukisa intsha. Lokhu kuyingozi yokuba kugcine sekunezingane eziba izigebengu emphakathini.  Ngakho iSizowakha OkaZulu Foundation izogxila kubona bonke abantu okuyizingane zabafana nezamantombazane nakubantu abadala,” kusho uNdlunkulu.

Uqhube wathi okunye abazokwenza kuzoba ukuthi bazosebenza kuzona zonke izingxenye zesifundazwe nakwezinye izindawo.

UMnuz Ncamisile Cebekhulu onguMqondisi wezeMfundo eMkhanyakude uthe kuyabajabulisa ukuthi uNdlunkulu ukaMyeni aqhakambise imfundo.

UKaMyeni uhamba ezicathulweni zikaninazala wakhe okuyiNdlovukazi uMantfombi kaSobhuza maDlamini-Zulu obenezinhlelo ezisaqhubeka namanje zokuthuthukisa omama kwezamabhizinisi.

Izihloko zakamuva