UNdlunkulu u-Amina wayezibambela mathupha empini

Kamogelo Olaitan

I-Scrolla.Afrika sishicilela ngezimpilo yezindlovukazi zase-Afrika eziyisikhombisa emlandweni wazo omangalisayo oguqule umhlaba esiphila kuwo namuhla.

Eminyakeni eminingi edlule, amadoda anqoba umhlaba ukuze andise imibuso yawo. Lokho yinganekwane endala njengesintu uqobo.

Ngesikhathi amadoda ebusa yonke imikhakha yomphakathi ikakhulukazi izimpi kanye nakwipolitiki, uNdlunkulu u-Amina wase-Zazzau – manje osekuyi-Zaria esifundazweni sase-Kaduna, e-Nigeria – waduma ngendlela ehlukile.

Wayezoba ngowesifazane wokuqala ukubusa ubukhosi bangakubo, indima ayidlala iminyaka engaphezu kwengu-30 eminyakeni engamakhulu angu-16.

Enyangeni yesithathu ephethe, wahamba namasosha angaphezu kuka-20 000 wayolwa nezigodi ezingomakhelwane emzamweni wokwandisa umbuso wakhe.

Wasungula imizila yokuhweba enqamula enyakatho ye-Afrika, eyenza i-Zazzau yaba isikhungo esikhulu sokuhweba. Lokhu kwazuzisa umbuso wakhe ngokwezimali futhi kwamenzela ingcebo yena nabantu bangakubo.

Wakha izindonga – ezaziwa ngokuthi izindonga ze-Amina – ukuze avikele amadolobha akhe.

Kusukela esemncane uNdlunkulu u-Amina waba nentshisekelo kwezombusazwe kanye nasempini futhi umkhulu wakhe wamqeqeshela le mikhakha.

Ngesikhathi eneminyaka engu-16, wayeqeqeshwa nebutho lezempi lase-Zazzau.

Amakhono akhe okulwa ayehlaba umxhwele kangangokuthi unina wamenza indlalifa yakhe.

Naphezu kwalokhu, umfowabo uKarama wangena esihlalweni sobukhosi futhi wabusa iminyaka eyishumi ngaphambi kokuthi akhothame.

Ngemuva kokuthola inhlonipho kubaphathi bezimpi lapho ayelwa khona izimpini ngesikhathi kubusa umfowabo, u-Amina waba uNdlunkulu.

Kunemibiko ethi uNdlunkulu u-Amina naye ubenonya kangangokuthi wayekhetha umyeni ngemuva kwazo zonke izimpi, alale naye bese eyambulala ekuseni.

Washona ngo-1610 nakuba imbangela yokushona kwakhe kanye nendawo ashonela kuyo ingaziwa.

Izihloko zakamuva