Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
OwayenguNdunankulu waKwaZulu-Natal uthi ngesikhathi bengena kuHulumeni woBumbano wokuqala wango-1995 i-IFP yavele yabanikeza iminyango eyayithathwa ngokuthi ayinamsebenzi kumbe isithunzi.
UDkt Sbu Ndebele ukusho lokhu engxoxweni abenayo ne-Podcast ye-ANC yaseKZN lapho ebekhumbula ukuziphinda komlando njengoba iqembu lakhe selibuye lasebenza ngaphansi kukaNdunankulu we-IFP uMnuz Thami Ntuli obanikeze uMnyango wezokuThutha owawunikwe yena ku-GNU yokuqala ngo-1995, ewunikezwa uNdunankulu ongasekho wayo i-IFP uDkt Frank Mdlalose.
UNdebele uthe uMnyango wezokuThutha, kube uMnyango wezaManzi kanye noMnyango wezamaHlathi kwakuyinto eyayinikezwa oNgqongqoshe osuke ungawuboni umsebenzi wabo.
“Ngesikhathi uMdlalose ethi kimi ngizoba uNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal, ngavele ngahleka. Phela ngokujwayelekile lo mnyango wawufana nomdlalo. Cabanga ngoba nesabelo sakhona ngesikhathi ngingena kwakungu-R8 million kuphela. Nokho ngathi uma ngiwuthatha ngathi laba abazi ukuthi yilo mnyango empeleni oletha umnotho ezweni ngokwakhiwa kwemigwaqo,” kusho uNdebele.
Uqhube wathi wenza isiqiniseko sokuthi ufuna mhla kwenzeka ISilo sakwaDukuza uShaka kaSenzangakhona neSilo uDinuzulu bebuya bangafici kulokhu kwabanjalo kunamadwala abushelelezi ababehamba kuwo emandulo.
“Ngathi ushintsho engizolwenza olokuthi mhla iNkosi uLangalibalele Dube evuka abone ukuthi sekunomehluko ongakanani entuthukweni yabantu. Ngenza isiqiniseko sokuthi akungathi mhla iLembe livuka lingaduki ngoba kusekhona isihlahla elasishiya silapho namadwala abushelelezi.
Yingakho ngokulandelayo lo mnyango isabelo sawo sakhula sayofinyelela ku-R100 million, nemigwaqo yakhiwa. Kumanje ngiyaziqhenya ngemigwaqo ekhona KwaZulu-Natal,” kusho uNdebele.
Uthi kwakuphoqa ukuthi le minyango ababeyinikezwe i-IFP emithathu bayithathe ngo-1995 ngoba babekade bethole amaphesenti angu-32 kuphela okhethweni luka-1994 eKZN.
Lo mholi nowakewaba uSihlalo kaKhongolose KwaZulu-Natal waba nguNgqongqoshe wokuqala woMnyango wezokuThutha ngaphansi kukaNdunankulu uMdlalose we-IFP kusuka ngo-1995 kwaze kwabango-2004.