Uncoma ezakhe umqeqeshi weBafana

Lubhalwe nguMichael Madyira

Ukuwina kweBafana Bafana ngo 2-1 ibhekene ne-Morocco kwenze umqeqeshi uHugo Broos waqiniseka ukuthi iqembu lakhe selithuthuke kakhulu.

Elakuleli lihlule iqembu elibekwe endaweni yokuqala ezwekazini emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations yakulo nyaka enkundleni yezemidlalo i-FNB ngoMgqibelo.

Njengoba iBafana ike yabhekana nezimbangi ezinamandla ngaphansi kukaBroos phambilini iye yamangaza iqembu elisenyakatho ye-Afrika eliphinde lafinyelela kowandulela owamanqamu weNdebe yoMhlaba ye-Fifa nyakenye.

“Njengoba ngishilo ngaphambi komdlalo, umphumela awubalulekile kodwa ngithanda ukubona umdlalo omuhle kanye nokubona inqubekela phambili esiyenzile ezinyangeni ezedlule,” kusho uBroos kwabezindaba.

“Ngiyacabanga futhi ngiyethemba ukuthi nizovuma ukuthi sibone iqembu lenza inqubekelaphambili enkulu ezinyangeni ezedlule.

“Sidlale neqembu elisezingeni eliphezulu kakhulu! Asizange sibe ngaphansi kwengcindezi. Kunalokho yithi esifakele leli qembu ingcindezi.

“Sithole amathuba amathathu noma amane amahle kakhulu okushaya amagoli. Uma ngikhumbula kahle mhlawumbe i-Morocco ithole elilodwa noma amabili.”

Iphuzu eliphansi kakhulu ngesikhathi sikaBroos kungesikhathi iBafana iguqiswa ngo 5-0 i-France ngoNdasa nyakenye futhi lokho kwaba umphumela owaba imbangela yokugxekwa okukhulu komqeqeshi wase-Belgium nabadlali bakhe.

Kodwa umqeqeshi owawina i-Africa Cup of Nations yango-2017 ubona sengathi ukuhlulwa kwabavula amehlo.

“Ngijabule ngokuthi ngiqhubekile nokunikeza ukuzethemba kuleli qembu labadlali,” kusho uBroos.

“Ngiye ngakholelwa kubo ngisho nangesikhathi abanye abantu bengakholelwa kubo ngenxa yokuthi bengikhetha kabi nokuthi ngangingawaqondi amasiko akuleli.

“Kodwa niyabona ukuthi awulakhi iqembu ngosuku olulodwa. Udinga isikhathi. Ngaleso sikhathi ukuhlulwa kungaba usizo kakhulu.

Yize besihlulwa phambilini kodwa sifunde lukhulu kulokho.”

IBafana isizolinda ukuzivivinya ngesikhathi sekhefu le-Fifa langoMandulo ngomdlalo wobungani wamazwe omhlaba neqembu elisazomenyezelwa.

Esithombeni esingenhla: Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos

Umthombo wesithombe: Safa/Backpagepix

Izihloko zakamuva