UNcinza ugxeka ukudedelwa ‘kwenkulumo’ kaZahara engasekho

Owayengumphathi kaZahara uThembinkosi “TK” Nciza useziphendulele ngenkulumo esisabalele eyayiqoshwe uZahara ongasekho, kulenkulumo uZahara waveza intukuthelo yakhe ngoNciza noDJ Sbu.

UZahara oshone ngo-2023 ubenobudlelwano obungebuhle nenkampani aqopha kuyo, i-TS Records.

UNciza, engxoxweni yakhe ne-The Citizen, uthe ukudedelwa kwalenkulumo eqoshiwe kuyingozi ikakhulukazi njengoba uZahara engasekho.

Kulenkulumo eqoshiwe uZahara wayekhuluma ngezingqinamba ayebhekene nazo edalula okwenziwa uDJ Sbu. Owesilisa ongaziwa kodwa ozwakala ngezwi kulenkulumo eqoshiwe uzwakala ethi uDJ Sbu ubemgebenga nokuyinto uZahara evumelana nayo.

UNciza uveze ukuthi kungenzeka ukuthi uZahara wayengazi ukuthi uyaqoshwa wabe esengabaza isikhathi kanye nenhloso yokukhipha lenkulumo eqoshiwe.

Uthe akazimisele ngokukhuluma ngoZahara kulandela ukushona kwakhe, waveza nokuthi wazilungisa zonke izinkinga esaphila.

Yize kunezingxabano ezedlule uNciza ukuqinisekisile ukuthi yena noZahara bebekhuluma ngaphambi kokushona kwakhe.

Emuva kokudlula emhlabeni kukaZahara, uDJ Sbu ucabange ngobudlelwano babo embona njengodadewabo omncane futhi emukela intukuthelo yomphakathi ebhekiswe kuye, nakuba ebona sengathi bekungafanele.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe ngenhla: UZahara.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva