UNasty C uzofakwa ohlelweni luka-Ellen DeGeneres

Sizwe Sibiya

Unyaka odlule ube nzima kubaculi abasembonini yezomculo bengakwazi ukwenza imibukiso ebukhoma kodwa umsebenzi ka-Mister ‘Zulu Man With Some Power’ uNasty C usaqhubeka unyukela phezulu ngamandla.

Ngemuva kwesonto nje ekhiphe ividiyo yengoma yakhe ethi-‘Black and White’ ekwi-albhamu ethi-‘Zulu Man With Some Power’ nomculi ophinde abe ngumbhali wezingoma waseMelika u-Ari Lennox, uNasty C – ogama lakhe langempela nguNsikayesizwe Ngcobo – uzobonakala ohlelweni luka-Ellen DeGeneres waseMelika, olunye uhlelo oludlala emini kumabonakude oluhamba phambili emhlabeni.

“Yebo siyakhuphuka kusasa!!! Umhlaba wonke wazi!!”  kusho lo mculi oneminyaka engama-24 waseThekwini.

UNasty C ubonge u-Ellen, ophethe uhlelo, ngokumumema ohlelweni oluzodlala ngoLwesihlanu, mhla zingama-26 kuNhlolanja.

“@Theellenshow ngiyabonga ngokungiqoka.”

Kanti uNasty C useke wavela kolunye uhlelo lwaseMelika, i-Late Night with Seth Meyers.

Sengazathi lokho akwanele, igama lakhe lihamba phambili ezinkundleni zokuxhumana kwividiyo yengoma ethi-‘Dunno’ yomculi uStoggie T – futhi waphinde wavela ku-SlikourOnLife, uhlelo oluku-inthanethi oluphathwa ngumculi osemnkantshubomvu weqembu le-Skwatta Kamp, uSlikour, ngoLwesine.

Lapho uNasty C ebonge khona iqembu elingemuva kwakhe ngokwenza izinto zenzeke, ethi “angeke ngihlale lapha ngizenze sengathi yimi owenza zonke lezi zinto ukuthi zihlangane, akusimi.

“Ngineqembu.”

UNasty C osayinwe ngaphansi kwe-Def Jam, njengoSho Madjozi wodumo lwengoma yeGqom ethi-‘John ​​Cena’ kubikwa ukuthi uzocula ingoma yakhe yothando ethi-‘Black and White’ no-Ari Lennox kulolu hlelolwasemini kumabonakude.

Umthombo wevidiyo: @Nasty_CSA

Ividiyo: YouTube

Izihloko zakamuva