UNasty C usekhiphe enye ingoma eshisa izikhotha

Sizwe Sibiya

Umrepha wakuleli uNasty C ukhuphuka ngokushesha emashadini omculo ngengoma yakhe yakamuva ethi-“Stalling”.

Le ngoma ihleli endaweni yesine eshadini lomculo  ku-YouTube njengoba isibukwe ngabantu abangaphezu kuka-170,000 kusukela ikhishwe ngoLwesithathu. Lezi izinombolo ezihlaba umxhwele zengoma engenayo ividiyo yomculo endaweni yokusakaza ividiyo.

Uma uyazi ingoma kaChris Brown yango-2019 eshisa izikhotha ethi-“No Guidance” – efaka umrepha owine izindondo eziningi uDrake – maningi amathuba okuthi uthole i-“Stalling” njengento efanayo. Kukhona okufanayo ngendlela ikhorasi ehamba ngayo kula maculo. Ingoma ibuye ikhulume ngento efanayo – intombazane.

Ekhuluma ngengoma yakhe entsha, uNasty C uthe ingoma ikhuluma ngokwephulwa kwenhliziyo adlule kukho.

“Bekuyimina nje ngicabanga ngazo zonke izikhathi engaphulwa ngazo inhliziyo,” kusho uNasty C engxoxweni ebukhoma neMzansi-A Lists, ngaphambi kokukhuluma nge-albhamu yakhe yesine ezayo.

“Anginaso isihloko se-albhamu, kodwa bengilokhu ngicabanga ngezinto ezimbalwa engingazikhetha.

“Nginengqikithi ye-albhamu futhi ngiyizwa ngaphakathi njengoba, ngizama ukwenza okuhlukile,” kusho lo mrepha okuyimanje usayiniswe ngaphansi kwenkampani eqopha umhlaba wonke i-Def Jam Recordings.

Umthombo wevidiyo: YouTube

Izihloko zakamuva