Sizwe Sibiya
Ngemuva kokusayina ne-Def Jam Records ehlonishwa umhlaba wonke, abalandeli bakaNasty C bebelokhu belinde lo mculi ukuthi akhiphe okuthile okufakazela ukuthi ungowaphesheya ngempela. Futhi ukwenze ngempumelelo ngevidiyo yakhe yakamuva engomeni ethi-‘Black and White’.
Ingoma ethatha imizuzu engu-3: 37 ephuma kwi-albhamu yakhe ethi-‘Zulu Man With Some Power’ iqukethe u-Ari Lennox wase-Washington DC – umculi wesifazane wokuqala owasayinwa inkampani yokuqopha ya-J Cole i-Dreamville.
Noma uLennox wodumo lwengoma ethi-‘Shea Butter Baby’ engumculi futhi umbhali wezingoma onamaculo abushelelezi , uNasty ukwazile ukuyibuyisela ekhaya ngamavesi ahlakaniphile. Lokhu kwenza i-Black and White kube yingoma yothando egqamile.
Iqondiswe inkampani eseke yathola izindondo ngomsebenzi wayo, ezinze e-Randburg i-Kyle White TV eyaqondisa ingoma ethi-‘Whipped’ kaTellaman phakathi kwezingoma eziningi, mhlawumbe yividiyo ehamba phambili uNasty C aseke wayishutha.
Le vidiyo iqala ngokuthwetshulwa kukaNasty C efulethini likanokusho laseKapa. Umqondisi usiza umbukeli ukuthi ahlukanise phakathi kwezigcawu zika-Ari Lennox ezathwetshulwa e-Washington DC, eMelika, nalezo zikaNasty C ngokukhombisa umehluko wesikhathi.
Ividiyo yomculo eqale ukukhonjiswa esontweni eledlule ku-YouTube isibukwe ngabantu abayizigidi eziyi-1,8 – futhi basaqhubeka bayanda abayithokozelayo.
Umthombo wevidiyo: YouTube