Mmaditaba
Umdlalo wethenisi akuwona umdlalo lapho ungathola khona izinxushunxushu kodwa uNaomi Osaka, umpetha we-Grand Slam amahlandla amane, ube ngundabamlonyeni kulo mdlalo ngemuva kokwala ukubamba iqhaza ezingqungqutheleni zabezindaba ku-2021 French Open.
Esitatimendeni eside, lo mdlali wethenisi osendaweni yesibili uchaze ukuthi izingqungquthela zingaba yingozi kanjani empilweni yomdlali.
“Ngibhala lokhu ngithi ngeke ngibambe iqhaza kwingqungquthela yabezindaba ye-Roland Garros,” kusho lo mdlali wase-Japan.
“Ngiye ngibe nomuzwa wokuthi abantu abanandaba nempilo yengqondo yabasubathi futhi lokhu kuzwakala kuyiqiniso njalo lapho ngibona isithangami nabezindaba noma ngihlanganyela kuso.
“Sivame ukuhlala ndawonye sibuzwe imibuzo esike sabuzwa kaningi phambilini noma sibuzwe imibuzo eletha ukungabaza ezingqondweni zethu futhi angizukuzibeka kubantu abangingabazayo.”
Ukulindela ukuphendulwa kwemibuzo ngabadlali ngemuva kokwehlulwa kufana “nokukhahlela umuntu ephansi”, kusho u-Osaka.
Phambilini abadlali bebehlawuliswa imali elinganiselwa ku-R42,000 yi-Association of Tennis Professionals ngokwala ukubamba iqhaza emisebenzini yabezindaba ephoqelekile.
U-Osaka ubelokhu abelana ngemifanekiso yabanye abadlali abathintwe kabi izingxoxo ezenziwa ngemuva komdlalo kufaka phakathi isiqeshana sikaVenus Williams esaneminyaka eyi-14 ubudala ekwingxoxo kwathi ubaba wakhe, uRichard Williams wangenela watshela owayebuza imibuzo ukuba ayeke ukuphonsela inselelo Izimpendulo zentombazane “enokuzethemba”.
“Noma kunjalo, ngiyethemba ukuthi imali engizohlawuliswa yona izobhekela inhlangano esiza abampofu ngengqondo. Xoxo”, u-Osaka evala umbhalo wakhe omenze undabamlonyeni.
Abantu abaningi bamemezele u-Osaka njengompetha wengxoxo ebalulekile osekudala igwenywa kwezemidlalo.
Imidlalo yokuhlungela i-France Open iyaqhubeka kanti lo mqhudelwano kumele uphele mhla zi-13 kuNhlangulana.
U-Osaka, onobaba omnyama nomama wase-Japan, wake waba ngundabamlonyeni phambilinini. Ku-US Open yangonyaka odlule wayegqoka izifonyo enkundleni ekhombisa amagama abantu base-Afrika naseMelika ababulawa ngamaphoyisa aseMelika.
Usebudlelwaneni nomrepha uCordae.