Mmaditaba
UNaomi Campbell uwubufakazi bokuthi ungafuna izinto ezimbili ngesikhathi esisodwa uzithole – ube nomsebenzi wokuba yi-supermodel futhi ube nengane uma usukulungele.
I-supermodel yomhlaba wonke yabelane ngalezi zindaba ezinkundleni zokuxhumana ngokukhombisa izinyawo zendodakazi yakhe esencane. Kubhalwe ukuthi, “Isibusiso esincane esihle sikhethe mina ukuthi ngibe ngumama waso, ngihlonishwe kakhulu ngokuba nalomphefumulo omnene empilweni yami. Awekho amagama okuchaza isibopho sempilo engiyihlanganyela nawe manje ngelosi yami. Alukho uthando olukhulu okudlula lolu”.
Sonke siyamjabulela uNaomi.
UNaomi phambilini useke wakhuluma ngokufuna ukuba ngumama futhi ubekucabanga ngaso sonke isikhathi. Ubuye wakhomba ukuthi ngenxa yesayensi yanamuhla, wayazi ukuthi nakanjani angaba nengane yakhe uma esethanda.
Impikiswano mayelana nokuthi isikhathi esifanele sokuba nengane sinini ayisangenwa njengoba nabantu abaningi sebencamela ukuthola izingane zabo kamuva empilweni ngosizo lobuchwepheshe besimanje.
UNaomi akazange adalule eminye imininingwane mayelana nomntwana wakhe. Simufisela konke okuhle uNaomi kanye nesibusiso sakhe esincane.